UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu , uNkk Bongiwe Sithole-Moloi, wethule inkontileka ezofakela izakhamuzi eziwu-300, nangaphezulu ugesi kuMasipala Abaqulusi,eVryheid, eNyakatho neKwaZulu-Natal. Kuvelile ukuthi umnyango osubalulwe ngenhla ububeke eceleni imali ewu-R20 million , kuleprojekthi okumele yenziwe ezinyangeni eziwu-6. Kuphinde kwavela ukuthi ungqongqoshe wavakashela kulendawo ngo- April 2023. Kuvelile ukuthi ungqongqoshe wavakashela eyowazisa ngaleprojekthi yokufakelwa kwezakhamuzi ugesi ezingakwazi ukukhanya, sekuphele iminyaka ewu-30 , kwabakhona uhulumeni wentando yeningi. UNkk Moloi, uthe lokufakelwa kukagesi kuzokwenzeka maduzane njengoba isithuliwe inkontileka. Lokumenyezelwa kwenkontileka kwenziwe ezinkundleni zemidlalo zase KwaJimane Sports Field, Ward 12, Abaqulusi Local Municipality.
Asinakiwe isakhiwo esidala sesikole saseBlaauwbosch okwafundisa kuso uChief Albert Luthuli
SESASALA sinje isakhiwo esinomlando. Isithombe. SITHUNYELWE ASINAKIWE isakhiwo esidala sesikole samabanga aphansi saseBlaauwbosch, eNewcastle, eNyakatho neKwaZulu-Natal, lapho kwakufundisa khona inqalabutho...