KWEZOKUNXELE ngamathishela uMnuz Tanoe Blay, uQiniso Nkomo kanye nethishelakazi uNksz Sindisiwe Khuzwayo.. Kwesingezansi nguMnuz SipheleleNgidi kanye nomfundi uQiniso Wandile NkomoIzithombe.Zithunyelwe
KUBE yinjabulo isikole i-Dannhauser Secondary School siphasa ngamalengiso sithola u-100% emiphumeleni ka-matric yabafundi abebenza izivivinyo zaleli banga ngo-2024.
Lesi sikole sithola le miphumela nje sasigcine ngo-2017, okuchaza ukuthi bese kuphele iminyaka eyisishiyagalombili sagcina ukuthola imiphumela yezinga lalolu hlobo.
USihlalo wesigungu esilawula isikole eDannhauser Secondary, uMnuz Rich Durgadin, uthe ukudedela abafundi ekukhetheni izifundo ezibafanele nabazizwa kahle yikona okwenze abafundi bakulesi sikole baphasa ngale ndlela.
“Ukubheka ukuthi othisha bawenza ngendlela umsebenzi ikona okubalulekile kunokuthi ugcine ngokubathemba nje kuphela ukuthi bawenza ngendlela,” kusho uMnuz Durgadin.
“Abafundi kumele bakhethe izifundo ngendlela yabo bangaphoqwa ngoba basuke sebeyazi imikhakha abafuna ukuyilandela uma sebephothule izifundo zabo zika-matric.
Kubalulekile ukuthi kube nezikhawu zokubheka ukuthi ingabe abafundi baqhuba kanjani ezifundweni zabo futhi kuxoxiswane nothisha ngezingqinamba ezibhekene nabafundi kusaqala unyaka.
Ukushesha ubheke kubhekelelwe ukuthi abafundi baqhuba kanjani ezifundweni kusaqala unyaka yikona okwenze ukuthi lesi sikole sithole le miphumela emihle kangaka.
Nokuqashwa kothisha abasebancane abasenomfutho wokwenza umsebenzi wabo, nakho kube nomthelela omuhle,” kuqhuba uDurgadin.
Uphethe ngokuthi banekomiti eligogodile, elinezinkakha nongoti kuzo zonke izifundo ezifundwayo kulesi sikole lapho khona uthisha ecotshelelwa khona ngolwazi lwesifundo ngasinye kulo leli komiti.
Phakathi kwabafundi baka-matric abaphase ngamalengiso kulesi sikole, kubalwa umfundi, uQiniso Wandile Nkomo, othole o-A abane kwi-Life Orientation, Accounting ne-Life Sciences, nesiZulu, ezinye nazo waziphasa kahle okuyi-English, Mathematics kanye nePhysical Science.
