INHLANGANO yezokugembula i-Hollywoodbets ithanda ukwazisa izakhamuzi zase South Africa , ukuthi lona owahola iqembu lombhoxo ama-Springbok, ewu-Kabuteni, uMnu Siyamthanda Kolisi, ngenkathi linqoba izindebe zomhlaba ezimbili iminyaka ilandelana usebuyela ekhaya. Kuvelile ukuthi ngoba ebuya ekhaya uzojoyina iqembi i-Hollywood Sharks , futhi bamumukela ngezandla ezimhlophe. Kuphinde kwavela ukuthi udlale imidlalo ewu-92, phesheya kwezilwandle ngoba esebuyela ekhaya. UMqondisi wamaSharks uMnu Neil Powell uthe esitatimendeni, uMnu Kolisi ungumdlali okwazi ukugqugquzela abanye, ungumholi futhi ukukhombisile lokhu ngenkathi esewukabuteni weqembu lesizwe, ngoba ngaphansi kobuholi bakhe, iqembu lanqoba izindebe ezimbili zomhlaba. “ Siyakuthokozela ukhethe ukuthi abuyele eThekwini lapho ezogqoka khona ijezi elimhlophe nokumnyama,” esho. UMnu Kolisi uyisibonele esihle kubadlali abasebancane nabo abafisa ukugcina sebedlalela iqembu lesizwe. OyiBrand and Communications Manager uMnu Devin Heffer , eHollywoodbets, okungiyena oxhase amaSharks uthe sijabule kakhulu ngokwamukela lona owabe engukabuteni weqembu lesizwe futhi ngaphansi kobuholi bakhe elibuya nezindebe ezimbili zomhlaba. Ongumqeqeshi waleqembu lamaSharks uMnu John Plumtrees uthe naye uthokoze kakhulu ekutheni lomdlali odume umhlaba wonke azodlalela iqembu aliqeqeshayo. Uthe siyajabula futhi siyazethemba ngokubuya kwalomdlali azodlalela leli qembu kanti nabalandeli sebefisa ngathi sebeyambona edlala e-Hollywoodbets Kings Park. UMnu Kolisi naye ubonge kakhulu iqembu lamaSharks ngokuthi limamukele ukuba abe yingxenye yalo. Uqhube wathi yena nomndeni wakhe bachithe unyaka wonke phesheya kwezilwandle kamnandi ngoba futhi ukwazile ukudlala imidlalo ewu-92. Uthe besikhumbule ekhaya kakhulu eSouth Africa, kanti futhi ngiyalithanda iTheku. Uthe futhi uyajabula kakhulu ukuzodlala nabadlali baleliqembu eselibalulwe ngenhla elinabadlali abanekhono elikhulu. UMnu Powell uphethe ngokuthi uMnu Kolisi uzodlala isizini ka2424/2025 kulo leliqembu futhi uyabathanda abantu futhi uyazinikela uma esenkundleni.