NGUNGQONGQSHE uMfu Thulasizwe Buthelezi.Isithombe.SITHUNYELWE
UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uthe esitatimendeni umnyango wakhe ubhizi ngokukhuculula esiFundazweni saKwaZulu-Natal, lokhu kulandelwa ukuhlasela kwezimvula ezinamandla ebezihambisana nezikhukhula.
Uthe esitatimendeni ,loku khucululwa kwenziwa kakhulu kuMasipala weTheku obuhlaselwe zimvula ezinamandla ebezihambisana nezikhukhula ,futhi eziholele ekundluleni emhlabeni kowesifazane oyedwa omuke kanye nemoto yakhe ebhulohweni lase Pinetown.
Ube esendlulisa amazwi enduduzo emndenini walo muntu wesifazane osidumbu sakhe sitholakale namuhla kanye nemoto yakhe ngoLwesihlanu abethimba lezokutakula.
Uqhube wathi esitatimendeni ,lezi zimvula ezinamandla ziphazamiseke kakhulu ngoba zisuphule izihlahla, zalimaza inqalasizinda efana nogesi kanye nemigwaqo.
“ Abezimo eziphuthumayo nabezinhlekelele kanye nochwepheshe bezogesi babhizi balungisa inqalasizinda,” kusho uMfu Buthelezi, eqhuba ethi abe Provincial Disaster Management Centre, babhizi babheka umonakalo odalekile kuhlasela lezi zimvula.
Ube esenxusa izakhamizi ukuba zihlale ziqaphile futhi ziphephile ngoba kulindeleke izimvula ezinamandla ezikusigaba-6 (level 6) , koMasipala okubalwa kubo iTheku, Ugu, Ilembe kanye nase Mgungundlovu.
Uphinde wanxusa esitatimendeni zonke izakhamizi ukuba zizimamele izexwayiso ezikhishwa izangoma zezulu futhi abahlala ezindaweni eziphansi bafudukele ezindaweni eziphezulu futhi eziphephile.
Uphethe ngokuthi abezimo eziphuthumnayo kanye nabezinhlekelele basiqaphile isimo.