UHLAMBISELWA kumabhiliyoni awu-awu-16 umonakalo odalwe zikhukhula zakamuva ezihlasele ezifundeni eziwu-6, KwaZulu-Natal. Lexikhukhula zishiye izakhamuzi einingi sizele dengwane futhi zaphinde zandlula nanemiphefumulo yabantu. Lezimvula ezinamandla zazihambisana nesiphepho , kanti futhi kwavela ukutghi zashaya zazwela oThongathi, kanti kuthiwa eThekwini kuphela umonakalo owadalwa ilezikhukhula ubalelwa kwizigidi ewu-R480 kanti kuvelile ukuthi izakhamuzi eziwu-7000 zakhahlamezeka kwathi izikole eziwu-20 zasala zingenaphahla. Kuphinde kwavela ukuthi inqalasizinda efana namabhuloho , imigwaqo, amaholo , izigxobo zigagesi nakho kwalimala kwaphinde kwandlula emhlabeni abantu abawu-12. ” NgoLwesithathu mhlaka 12 June 2024, uMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu kuzwelonke usuzilethile izimphahla zokwakha lapho kuzohlomula khona izakhamuzi eziwu-674,” kusho uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu,esithunyelweuNonala Ndlovu, eqhuba ethi endaweni yase eMangweni oThongathi ilapho konakala khona kakhulu. Uqhube wathi abaxhasi kanye nabanikela ngempahla yokwakhja baqale ukutyuiletha mhlaka 11 June 2024, okubalwa kubo abezinhlangano ezingenzi nzuzo. ” Abezomnyango wezaseKhaya wona usuthumele izimoto ezingomahamba nendlwana ukuze kusizakale labo abalahlekelwa ngomazisi kanye nezitifiketi zokuzalwa eMangweni kanti lezimoto zohambela zonke izindawo lapho kusabekwe khona noma lapho kusakhoseliswe abantu okwesikhashana ngenxa yokukhahlamezeka. UMnyango South African Social Seurity Agency (SASSA), usuhlonze imizi ewu-3 400, ngokubanika amavawutsha kanti futhi izisulu eziwu-2000 seziqalile ukuthola ukudla okushisayo , izipontshi eziwu-1 200 kanye nezingubo eziwu-1 700, asebexhaswe ngazo.” Siyabonga ngoxhaso esilithola kubo bonke asebelule isandla kwezisulu kanye neminyango kahulumeni esiyenze umehluko ezipmpilweni zezisulu,” kusho uNdunankulu uNksz Nomusa Dube-Ncube, osephumile. Uqhube wathi uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana kanye nezoMdabu uNksz Thembi Nkadimeng sewafika oThongathi wahlonza abakhahlazemekile ehambisana neMeya yeThuku uMnu Mxolisi Kaunda.