AMAPHOYISA aseNewcastle asephume umkhankaso wokugqugquzela ukuphepha ezikoleni zaseNewcastle namaphethelo njengoba kwaziwa ukuthi abafundi bachitha isikhathi eside ezikoleni.
Kubikwa ukuthi abafundi abaningi abayizisulu zokuhlukunyezwa ngabanye, nobubhoklolo obuqhubeka ezikoleni bayasaba ukubika ngakho.
Okhulumela samaphoyisa aseNewcastle, uLizzy Arumugam uthe izikole bezithathwa njengendawo ephephile lapho abafundi abachitha isikhathi eside khona njengoba abazali basuke besemisebenzini, kodwa manje seziphenduke inkundla yamaqembu ezigebengu futhi abafundi bayabulalana ezikoleni.
“Sinxusa bonke abafundi ukuba bazibike izigameko zokuhlukunyezwa noma zobubhoklolo obenzeka ezikoleni.
Uma ubona umfundi ehlukunyezwa ngomunye noma kuhlukunyezwa wena ungathuli bikela umzali noma othisha,” kusho u-Arumugam esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba.
“Okunye okumele nikuqaphele kakhulu ukubika ngabantu abangafundi kuleso naleso sikole ukuze kugwemeke izigameko zokuhlukumezeka nezobubhoklolo.
Zibikeni kothisha noma kothishanhloko izigameko zokuhlukumezeka noma kunoma ngabe ngubani ongasiza.
Uma kwenzeka kukhona abanye babafundi ongaboni nabo ngaso linye zama ukuthi ubagweme noma ubikele iziphathimandla.
Ukubikela othisha noma abazali bakho kungasiza kakhulu ekutheni kugwemeke ukulwa nokugcina usuyisisulu sokulimala esikoleni.
Kumele abafundi bakuqinisekise ukuthi abavumi ukusatshiswa ngabanye kodwa bangazibiki lezo zigameko.
Uma kukhona abafundi obaziyo ukuthi baphatha izilimazo sikoleni, zamani ukuzibika lezo zigameko. Ukuphathwa kwemimese, izibhamu nezinye izilimazo akuvumelekile ezikoleni ngoba lokho kungukwephula umthetho wezikole, futhi abatholakala nezikhali kumele baboshwe ngoba babeka izimpilo zabanye engozini,” kuphetha u-Arumugam.