USUPHENDULILE uMkhandlu Umzinyathi, ngezinsolo ezivele ezinkundleni zokuxhumana , ezivezwe ngumuntu ongaziwa , abazithatha ngezidukisa umphakathi futhi ezingavumelekile. Ngokwesitatimende esithunyelwe kuleli phephandaba, kuvelile ukuthi ngenxa yezinqinamba ezidalwa ukucishwa konga kukagesi , okuyinselelo enkulu eMzansi Africa, babone kunesidingo esiphuthumayo sokuthi kuthengwe igenereyitha ezompompa amanzi, eNquthu Vantsdrift Water Treatment Works, okuyindawo enkulu ehlanza amanzi, iwahlanzela idolobha , iphinde iliphakele. “ Phambilini lomasipala wawuqasha igenereyitha , eyayimpompa amanzi kuyo lendawo empompa iphinde eziphakela amanzi. “Sabe sesiba nemibona emibili, owodwa wawuthi asiqashe igenereyitha omunye , kanti omunye waba ngowokuthi asivele sithenge eyethu,” kusho isitatimende. Sithi umbono wokuqala noma kwathathwa isinqumo lapho, sathatha khona inkampani eyayizobiza imali engu-R800 000 ngenyanga ukuqasha igenereyitha, lokho okwakuzodla lomasipala imali engu-R 9 600 000, ngonyaka. “ Lo somabhizinisi wehluleka ukuhlangabezana nezidingo ,kanye nenqubo mngomo eyayifuneka ekuqhubeni lo msebenzi, yabe isiyakhansela inkontileka leyo. Okunye okwenza ukuba lenkontileka ikhanselwe ukuthi kwabe sekubiza kakhulu emakethe lapho eyabe izotholakala khona igenereyitha. “UMasipala wabe usuzithengela igenereyitha enkampanini i-Asiziqalele Contractor , ngenani lika R5 600 000, intela yentengo ingakavakwa (Value Added Tax excluded), eyaziwa nge-VAT ngamafuphi, kwathi masekufakwe intela yentengo, kwababiza R6 400 000, yalomasipala. “ Bathe lokhu kufakazele lokhu okuputshuke ezinkundleni zokuxhumana, okuhloswe ngako ukudicilela phansi kanye nokuthunaza ukusebenza kukamasipala , nokulimaza isithunzi sikamasipala. “Lesinqumo esithathiwe sokuthi umasipala uthenge igenereyitha yawo kube isinqumo esiphusile, kunokuthi kukhokhwe imali yerenti engu R780 000 ,ngenyanga okuthi ngonyaka kungagcina kukhokhwe imali engu-R9 360 000, abakubona njengokumosha imali yabakhokhi bentela. Okusenze sathatha lesinqumo sokuthenga legenereyitha ukuthi intsha, futhi izolethwa kithi, iphinde ifakwe ngaphandle kwezinye izindleko. Lokhu sikubona kungukonga okukhulu ngoba njalo uma siqasha inkompani ezosiqashisela igenereyitha izindleko zohlala zikhula njalo ngoba labo somabhizinisi bazobe beshintsha shintsha, ngoba bonke ababefake izicelo zokuqashisa ngegenereyitha bebebiza imali eyevile ku-R780 000. “Lokhu konge imali ebalelwa ku-R 9 000 000 , ngonyaka ngokurenta. Uhlobo lwegenereyitha esasilufuna kwakumele lube nalokhu okuyizidingo ezilandelayo
– 1000 KVA PRIME POWER 400V BAUDOUIN GENERATOR
– SOUND ATTENUATED
– WATERPROOF ISD CONTAINER
– INTEGRATED MANUAL START
– 1000L DIESEL TANK
Abantu kumele baqikelele ukuthi basebenzisa imigudu efanele ukuthola ulwazi oluqondile, ngezinto ezithinta bona, ukuze bangatholi izinto noma batshelwe ngezinto ezingamampunge. Ulwazi oluqondile nolubalulekile mayelana nakho konke okwenziwa ngumasipala, bangathintana, no:
Thandeka Ngobese, Media Liaison Officer
ngobeset@umzinyathi.gov.za
Nkanyiso Cebekhulu, Comminication’s Manager
cebekhulun@umzinyathi.gov.za