UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu, uMfu Thulasizwe Buthelezi, useyalele iMeya ueTheku uKhansela Cyril Xaba, ukuthi aqinisekise ukuthi uyakuhoxisa ukumiswa kwePhini lemenenja yezohwebo uMnu Sibusiso Makhanya, engakapheli amahora awu-72, emva kokuba kwakuthathwe isinqumo sokummisa mhlaka 13 September 2024. “ Ikomiti likamasipala eliphezulu aligunyaziwe ukuba limise izimenenja,” esho. Uqhube wathi esitatimendeni nguMkhandlu kuphela ogunyaziwe ukuthi umise izimenenja eziphezulu futhi lomsebenzi awukwazi ukundluliselwa ekomitini eliphezulu., eliphethe. Uthe lokhu kuphikisana nomthethosisekelo olawula omasipala. Uqhube wathu imizamo yokuxhumana nemeya noma iphendule ayikwenzanga lokhu, emva kokuba beyibhalele incwadi. “ Lokhu kungaphathwa kahle kwezimali kanye nenkohlakalo kungaphoqa lomnyango ukuba ufake lomasipala ngaphansi kweso lomlawuli. Uphethe ngokuthi ukungaphathwa kahle kwezimali zomphakathi kanye nenkohlakalo into engamukelekile kakhulu.