NGABATHUNGI abaqeqeshwe uMkhandlu Umzinyathi.
Uma sikhuluma ngoqeqesho lwamakhono olwenziwa nguMasipala wesiFunda uMzinyathi ohlelweni EPWP sisuke sikhuluma ngento enjena.Laba besifazane abagqoke izikibha eziwolintshi baqale ukuqeqeshwa ohlelweni lwe-EPWP ezinyangeni eziwu-8 ezedlule kodwa manje sebekwazi ukwakha bonke lobu buhle besebenzisa u-wire onemibalabala.Kwamasipala bafike bengazi lutho ngomsebenzi wezandla baqalwa phansi beqeqeshwa ngothisha babo abanesineke njengoba sebekwazi ukuhlobisa izinkamba nayo yonke imihlobiso baze bayibhale ngisho namagama.UNksz Nonjabulo Zondi ubonge uMasipala waseMzinyathi ngokubanikeza amakhono azobenza bangalokhu beyofesela imisebenzi kodwa bazisebenze bondle imindeni yabo.”Siyabonga kakhulu eMzinyathi yinye nje esiyifisayo ukuthola isitolo esizofaka kuso umsebenzi wethu, ” echaza. UMeya woMzinyathi uMhlonishwa uNgubane simbonga asiphezi aqhubeke nokusebenzela abantu ngobuqotho, siyabonga,” esho.Imeya yesiFunda uMzinyathi uMhlonishwa Petros Ngubane wala waphetha ukuba abantu bacoshiswe amaphepha njengoba kwenza abanye omasipala wathi kungakuhle banikezwe amakhono okuziphilisa.”Umntwana waKwaPhindangene wasifundisa ukuthi kuhle umuntu ufundiswe ukuzenzela azidobele yena inhlanzi kunokukhangezwa njalo. Yikhona lokho ke osekuthele lezi zithelo ezinhle kanjena.Ngalolu hlelo lwe-EPWP sesibuya ngisho ohlelweni lukamabonakude u-Asikhulume ngokuba nohlelo olwehlukile kwa-EPWP.”Abanye abaqeqeshwa uMzinyathi ngaphansi kwalolu hlelo bakha amawodilophu ,ironing board, amabhala nokunye okuningi, ” kusho uMeya uKhansela Ngubane.