UNGQONGQOSHWE wezokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu, uNkk Bongiwe Sithole-Moloi, uthe esiFundazweni iKwaZulu-Natal, kulindeleke izimvula ezinamandla, ezihambisana nemimoya kanye nombani kanti lezimvula zisesigabeni sesibili, kusukela ngehora lokuqala ntambama kuya kweleshumi nanye(11), ebusuku. Abezimo zezulu KwaZulu-Natal, bathi lezindawo kanye nemikhandlu ezokhahlazameka ilena elandelayo:
Dr N. Damini-Zuma – Underberg, Ethekwini, Greater Kokstad, Impendle, Ingwe, KwaDukuza, Mandeni, Maphumulo, Mkhambathini, Mthonjaneni, Ndwedwe, Nkandla, Ray Nkonyeni, Richmond, The Msunduzi, Ubuhlebezwe, Umdoni, uMhlathuze, uMlalazi, uMngeni, uMshwathi, UMuziwabantu, Umvoti, Umzimkhulu and Umzumbe. Abezimo zezulu baqhube bathi lezimvula zizolimaza inqalasizinda kanye nemfuyo. Banxuse umphakathi uqikelele ukuthi awuhlali ezindaweni ezinobungozi futhi eziphansi ukugwema ukulahleka kwemiphefumulo.UNgqongqoshe Sithole-Moloi uthe abezezinhlekelele bame ngomumo kubo bonke omasipala abathintekayo. Uqhube wathi abantu abagweme ukuwela emabhulohweni aphansi kanye nasemigwaqeni ephansi. ” Sicela ukuthi niqikelele ukuthi niyabhekisisa ukuthi aniweli lapho ningenasiqinisekiso ukuthi lisekhona yini ibhuloho lisekhona yini noma kalisekho,” besho, bephetha ngokuthi bangahambi lapho kukhona izikhukhila ngoba ziwubungozi.