UKUNTULEKA kwamanzi ezindaweni zaseDannhauser sekuyifana nento eyiphupho. Lokhu kulandelwa ukuthi uMeya woMkhandlu Amajuba wethule iprojekti yokulethwa kwamanzi ezodla izigidigidi zamarandi eziwu-R178 million, eyethulwe eDurnacol kunombolo 2. UMeya waseMajuba uMntwana Ndabuko Zulu , wethule leprojekti ngelendlule, ngoba lendawo esibalulwe ngenhla ibintula amanzi kakhulu. Kuvelile ukuthi leprojekti ebizwa ngokuthi i-Emergency Water Supply to Ramaphosa Settlement, Skombareni, iziletha amanzi awu-2ML kusiphehli manzi saseHilltop, kanti futhi yahlukaniswe izigaba ezimbili (phase1 and 2), lapho kuzohlomula khona izakhamuzi ezibalelwa 10 000, ezakhele uMasipala waseDannhauser. UMntwana Ndabuko Zulu ukugcizelela ukuthi lokhu bakwenza nje ngoba behlose ukuphucula izimpilo zabantu bakulendawo. Uqhube wathi akugcinwanga ngokulethwa kwamanzi ahlanzekile kodwa kuphinde kwadala namathuba omsebenzi ebantwini abawu-50 abakhele lendawo, kuphinde kuthuthukise ezomnotho. Uthe uyacela ukuthi lenqalasizinda bayiphathise okwezikhali zamaNtungwa. Uphethe ngokuthi bazibophezela bengena emandleni ukuthi bazoqinisekisa ukuthi izimpilo zabantu ziyaphuculwa.