SIZOFUNDA sonke! Lawa ngamazwi akhishwe inhlangano yezokugembula i-Hollywoodbets esitatimendeni ngenkathi ibikhuthaza abafundi ukba abafundi bafake izicelo zemifundazwe. Kuvelile ukuthi lenhlangano ihlose ukuba inikeze intsha yase South Africa ithuba lokuthi ithole imfundo engcono yingakho ivula lelithuba lokuba abafundi ikakhulukazi intsha ukuba ifake izicelo.. “ Sizibophezele ekutheni akekho noma ayikho intsha ezivinjwa imali ukuba iqhube izifundo zayo emfundweni ephakeme ngenxa yokwesela imali,kusho uNontobeko Khuzwayo, oyimenenya yezemifundazwe kwi-Hollywood Foundation’s (Bursary Manager). Uqhube sifisa ukunikeza intsha amathuba angcono. Uthe loluhlelo lokuthi abantwana bafake izicelo lungaphansi kwesiqubulo esithi “Sifunda Sonke”, phecelezi akekho umfundi ozovinjwa imali ukuba aqhube izifundo zakhe enyuvesi ayithandayo. Lokhu kuchaza ngokusobala ukuthi lenhlangano esibalulwe ngenhla izibophezele ekutheni wonke umuntu afunde. Uthe lezicelo zingena ngaphansi kohlelo olubizwa ngokuthi 2025 Future is Bright Bursary, oseluvuliwe kumanje ukuze kufakwe izicelo. Uqhube wathi loluhlelo alubhekene nokuxhasa abafundi kuphela kodwa njengeFoundation bahlose ngakho ukuthi baqinisekise ukuthi badlala indima enkulu kwezemfundo. Uqhube wathi sinika abafundi uxhaso oluncane, bese futhi sinikeza abafundi basemanyuvesi umfundazwe ophelele, sibasize ngolwazi, amakhono kanye nawo wonke amagqinga okuthola umsebenzi. Uthe loluhlelo lumenyezelwe mhlaka 1 August 2025 , e-Hollywoodbets Kings Park ,eDurban, ukuthi ukufakwa kwezicelo ze2025 Future is Bright Bursary programme, sekuvuliwe. “ Ngenkathi kumenyezelwa bekubizwe abake bahlomula kuloluhlelo izikhulu zeHollywoodbets Foundation kanye nabaqhamuka kuzikhungo zemfundo ePhakeme,Kusho uKhuzwayo. Uqhube wathi kuyabiza ukusa ingane enyuvesi yingakho bebone ukuthi bangenelele banikeze izingane imifundazwe. Uthe bangaphansi kwesigidi abafundi abakweleta amanyuvesi izimali ezishisiwe ngenhla yokuntuleka kwezimali, lokhu okudala ukuthi agcine engafezekanga amaphupho abo. Uqhube wathi lomfundazwe ukhokhela izikweletu ezivele zikhona zabafundi, ukubalisa, imali yokufunda kanye nezincwadi. “ Lomfundazwe utholwa abafuna ukuyofundela lemikhakha elandelayo,Computer Science; Finance / Accounting; Digital Marketing / Marketing and BSc Data Science / BSc Information Management,” esho. Uthe inhloso yabo ukuthi bafezekise ukuthi bayacijelwa ukuthi uma sebethole iminyezane bayaqasheka, ukuze kufezeke amaphupho abo. Uqhube wathi sebevule uhlelo lwezobuchwepheshe olubizwa ngokuthi i-Bursary Buddies, okuhloswe ngalo ukuba kulekelelwe abafundi ezifundweni nasezinselelweni ababhekene nazo, ezithinta bona nqo ukuze kufezeke amaphupho abo. Uma ufuna ukufaka isicelo unganena lapha ku www.hollywoodfoundation.co.za