UMEYA woMkhandlu Amajuba, uMntwana Ndabuko Zulu, ubeyinxenye yabahambele umgcwabo weNkosi yamaNtungwa uMnu Sphamandla Khumalo noNdlunkulu uMadlamini abadutshulwa babulawa ngoMgqibelo wangeviki elendlule. UMntwana Ndabuko Zulu, usigxekile lesenzo sokukhothama kweNkosi ngenxa yokudutshulwa ngabantu abangaziwa. Uthe lokhu abakwenzile kungubuqaba futhi akwamukelekile neze, neze emphakathini. “ UMntwana ube yingxenye yala abebezokhalisa umndeni nabebezophelekezela Inkosi Sphamandla Khumalo kanye noNdlunkulu uMadlamini, obubanjelwe eQomintaba Royal House, e-Utrecht, mhlaka 4 November 2023. “ Inkosi ibisebenza noMkhandlu Amajuba District Municipality Council ,iphinde ibe yilunga le-Provincial House Executive Committee, futhi uzokhumbuleka ngegalelo lakhe emphakathini kanye nokuthuthukiswa komphakathi esiFundeni Amajuba,” esho. Uthe akukho okungaba yizibo noma isizathu esihle sokuchaza ukubulawa ngesihluku kweNkosi noNdlunkulu, lesimo ngeke uzame ukusichaza ngenye indlela kodwa singubulwane, obuphindiwe. Uthe singubuholi baseMajuba siyasigxeke lesimo esenzeke kuleSizwe samaNtunga. “ Ukubulawa kwamaKhosi neZinduna siyakugxeka kakhulu singabaholi baseMajuba, kanti namaphoyisa awasisukumele lesigameko kuboshwe abantu bajeze,” esho. Uthe Inkosi ibulewe ngesihluku esikhulu beNondlunkulu, kanye nokubulawa kwabaholi bendabuko kulesiFundazwe okudlangile. Uphethe ngokundlulisa amazwi enduduzo emndenini, esizweni kanye nakubangani.