ZIBHAMU esishaqwe kuboshwa abasolwa
KUBOSHWE abasolwa abawu-7, kwashaqwa izibhamu eziwu-8, kanye nezinhlamvu. Kuvelile ukuthi abelandela umkhondo wokuthi kunabasolwa abaphethe izibhamu ezinkulu. Kuphinde kwavela ukuthi lolu hlelo lwezobunhloli beluqhutshwa ithimba Umzinyathi District Task team kanye ne-National Deployment Team enkanise khona kulesiFunda Umzinyathi , ebonakala isebenza ngokukhulu ukuzimisela ngoba leli thimba lilibe lafika sekushaqwe izibhamu eziningi.. “ Kuboshwe abasolwa abaneminyaka esikela kwewu-27 newu 75,ekhombe, MeMudeni, ngenkathi lamaphoyisa eqhuba lomkhankaso wokulwisana nezibhamu ezingekho emthethweni. Okhulumela amaphoyisa kwisiFunda Umzinyathi uConst Siyabonga Nkwanyana uthe kuvikeleke isimo noma isigameko sokubulala ebesingenzeka kuboshwa laba basolwa. Uthe amaphoyisa agasele endaweni yesigameko lapho efike abopha khoina abasolwa batholakala nezibhamu zohlobo lwe-AK 47, 308 hunting rifle kanye namapistol awu-3, nezinhlamvu. Uqhube wathi kuphinde kwatholakala ezinye izibhamu zohlobo lwe AK47 kanye ne .38 special Revolver khona kulendawo esibalulwe ngenhla. Uphethe ngokuthi bonke abasolwa baboshelwe esiteshini samaphoyisa ase Mudeni kanti kulindeleke ukuthi bavele eNkantolo kaMansthi wase Greytown. UKhomishana wesiFunda Umzinyathi uMaj-Gen, Francis Slambert usishayele ihlombe isenzo samaphoyisa sokubopha lezigilamkhuba, wathi bayaqinisekisa ukuthi bazolwisana nokuphathwa kwezibhamu ezingekho emthethweni.