KUNGESIKHATHI kuhanjiswa izinsiza kufunda esikoleni i-Columbia.Isithombe.SITHUNYELWE
INXUSA lenhlangano yokugembula i-Hollywood Foundation uKeshav Maharaj uhambise izinsiza kufunda esikoleni samabanga aphansi i-Columbia Primary School ,e-Greenwood Park ngoLwesine lolu esisuka kulo ngenhloso yokuphucula izimpilo zabafundi njengoba ebeka imfundo phambili.
Kukholakala ukuthi lokuhanjiswa kwezinsiza kufunda ,zihanjiswe ngaphansi kohlelo lokubuyela kwabantwana ezikoleni (#BackToSchool).
Ngokusho kokhulumela le nhlangano yokugembula i-Hollywood Foundation, uVuyisile Ngobese uthe esitatimendeni le sikole sizimukele ngezandla ezimhlophe lezi nsiza eziyizincwadi.
Uthe kuyinjabulo ukuthi sihambisele izingane ezifunda emabangeni aphansi izinsiza kufunda ngoba sibeka phambili imfundo.
“ Ngibonga kakhulu le nhlangano yokugembula i-Hollywood Foundation ngoba ukuvakasha kwayo kulesikole singukhumbuza umlando waso,” kusho uMaharaj, eqhuba ethi lokhu kuhloswe ngakho ukuthi kuphuculwe izimpilo zezingane kuphinde kufezwe namaphupho azo, kwezemfundo.
Uthishanhloko uNksz G.N Hlatshwayo ubonge kakhulu inxusa uMaharaj ngokwelula isandla kulesikole okube nomthelelo omuhle kakhulu, ngoba iningi labo abafundi bakulesikole baqhamuka emakhaya antulayo nahlwempu.
Uphethe ngokuthi isikole lesi i-Columbia sisebenza nabantwana base Greenwood Park kanye nabanye abangomakhelwane abahlala ezindaweni ezingahleliwe kahle futhi eziyimikhukhu (cater for disadvantaged children from informal settlement), ukuze nazo zibe nekusasa eliqhakazile.