AMAPHOYISA aseNewcastle asekhiphe isexwayiso asibhekise kamalunga omphakathi ngemisebenzi engombombayi ekhangiswa ngamaqola asuke ehlose ukubaqola izimali zabo abazisebenzele kanzima.
Kukholakala ukuthi amaqola asebenzisa izinkundla zokuxhumana uma efuna ukuqola abantu njengoba kuqala unyaka, nabafundi abasanda kuphothula u-matric nabo kumele baqaphele ,ngoba laba abangakhonanga ukuthola izikhala zokuyofunda ezikhungweni zemfundo ephakeme ,amaqola angasizakala ngabo, abaqole ngoba nabo bemagange befuna imisebenzi.
Okhulumela amaphoyisa aseNewcastle uLizzy Arumugam uthe: “Uma kukhona okuthembisa umsebenzi kodwa ungakaze ufake isicelo somsebenzi noma ungakaze uye kwinhlolokhono yakhona kuyobe kuchaza ngokusobala ukuthi into engekho, kodwa kusuke kunamaqola asuke efuna ukuniqola izimali zenu.
Amaqola anomkhuba wokuthumelela abantu imiyalezo esebenzisa ama email ngenhloso yokubaqola futhi bajwayele ukusebenzisa lama email okubalwa i-Yahoo, Gmail neHotmail. Inkampani esebenza ngobuqotho ngeke isebenzise ama-email uma ifuna ukuqasha abantu,” kusho u-Arumugam.
Uphethe ngokuthi umphakathi kumele uziqaphele izinkampani ezifuna bafake imali uma zibathembisa imisebenzi, uma bebafuna izimali zokudizela umsebenzi kanye nezimali zokubhalisela umsebenzi ukuthi kusuke kuqhutshwa ubugebengu futhi kusuke kungamaqola lawo.
“Ningalokothi niyifake imali kanye nokuthumela imininingwane yenu yasemabhange.”