NGUGQONGQOSHE wezeMfundo eKZN, uMnuz Sipho Hlomuka.Isithombe.SITHUNYELWE
UNGQONGQOSHE woMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka, uthembise isikole samabanga amaphansi i-Riversbend Primary ,eMargate, amagumbi okufundela angomahamba nendlwana, umfaniswano nobuchwepheshe bezokuxhumana.
UMnuz Hlomuka ukusho lokhu emva kokuba evakashele lesi sikole ngoLwesibili, emkhankasweni woMnyango wezeMfundo wokuhambela izikole ngenhloso yokuhlola ukuthi konke kume ngomumo, nokufunda nokufundisa kuqhubeka ngaphandle kwezihibe.
Ngenkathi uHlomuka ehambele kulesi sikole, uthishanhloko waso, uNkk Nonhlanhla Ndlovu, ukuvezile ukuthi bashodelwa amagumbi okufundela nezinsiza zokuxhumana zobuchepheshe (connectivity).
“Sishodelwa ngamagumbi okufundela nobuchwepheshe bezokuxhumana, njengoba sinamagumbi amabili kuphela okufundela kanti elinye lala magumbi liphinde lisetshenziswe njengo hhovisi likathishanhloko (Lakhe), kusho uNkk Ndlovu.
Ephendula uHlomuka esitatimendeni esithunyelwe abezinda, wethembise ukuthi lezi zinsiza abazidingayo bazozithola, njengoba ezobalethela amagumbi angomahamba nendlwana anogesi nobuchwepheshe bezokuxhumana njengoba inkampani yakwa-Vodacom izama ukuphucula ezobuchwepheshe bezokuxhumana kulesi sikole nasezakhamizini ezakhele le ndawo.
“Ngiyaqinisekisa ukuthi ngizothengela abafundi izicathulo nemifaniswano ephelele yabafundi bakulesi sikole,” kusho uHlomuka.
Uphethe ngokuthi ukuvakashelwa kwezikole kuhloswe ngakho ukuqinisekisa nokuzibophezela ekutheni bonke abafundi bathola imfundo engcono noma ngabe bafundela ngaphansi kwaziphi izimo.