IZIKHULU ezizolungisa isimo kumasipala Umzumbe.
UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uNkk Bongiwe Sithole-Moloi, ubeyothula izisebenzi zomnyango kumasipala Umzumbe ngelendlule. Lokhu kulandelwa ukuthu lomasipala usufakwe ngaphansi kweso lomlawuli, ngaphansi kwesigaba 139 (1)(b), KwaZulu-Natal, ukuze kubuyiswe uzinzo lwawo kuphinde kulethwe nokuthenjwa kwawo lomasipala izakhamuzi. Uqhube wathi kunezinhlelo ezikhona zokubuyisa okulahlekile ngenxa yokungalawulwa kwawo lomasipala iziphathimandla zawo kanye nokungalawulwa kwezimali zawo. Kuvelile ukuthi ukungalawuleki kwalomasipala kudalwa ukungabi bikho kozinzo kosopolitiki, kuphinde kube nomdonsiswane engaba kuqhutshelwa phambili kuhanjiswe izidingo kubantu. Uthe okunye okudala lokhu ukungaqashwa kwezikhulu eziphezulu , kwezimenenja ezibhekelele ukuphathwa kwezimali kanye nemenja kamasipala. Uqhube wathi okunye okuyimbangela enkulu yalokungalawuleki kumasipala ukuthi imihlangano yamakhansela ayibanjwa kwasanhlobo ngokulawula umthetho olawula omasipala obizwa ngokuthi i-Municipal Structures Act, kanye nokungasetshenziwa kwemali ebizwa ngokuthi Municipal Infrastructure Grants (MIS) kanye nokungacutshungulwa kwamabhuku ngendlela, ukungaqoqwa ngendlela kwentela kanye nokwehluleka ukwenza isabelo mali ngendlela. Lelithimba ebeliholwa ungqongqoshe bekukhona kulo ngoyiSekela Mqindisi Jikelele, obekelele ukuphathwa komasipala uMnu Madoda Khathide, obe esethula UMnu Martin Sithole, njengomunye wethimba elizobe lihola lomasipala. Uphinde wakuveza ukuthi yibo laba abazolungisa isimo baphinde balethe uzinzo kulomasipala osugagulwe ngenhla. Laba balawuli bazokwenza futhi baqinisekise ukuthi isabelo mali siyenziwa ngesikhathi nezidingo ziyahanjiswa kubantu. Njengomnyango sibone kubalulekile ukuthi lomasipala ufakwe ngaphansi kweso lomlawuli ukuze kube nozinzo. Sinxusa amakhansela kanye neziphathimandla ukuba basebenze ngokubambisana ukuze kulethwe uzinzo kulomasipala, ukuze ubuyele esimeni esijwayelekile.