NGUNGQONGQOSHE wezoMdabu uMfu Thulasizwe Buthelezi.Isithombe. SITHUNYELWE
UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi, uklomelise ngemifundaze abafundi baka-matric abangu-15 abaphase ngamalengiso ezifundweni zabo ngo-2024.
Bekukuhle kujatshulwe ngenkathi kubungazwa laba bafundi abaphase ngamalengiso bazihlomulele ngemifundaze, esifundazweni saKwaZulu-Natal, ngoMgqibelo esisuka kuwo.
Lo mcimbi ubuhanjelwe abazali, abafundi nongqongqoshe walo mnyango, uMfu Buthelezi, nezicukuthwane ebeziqhamuka eminyangweni eyahlukene kahulumeni nezimele.
“Le mifundaze kuhloswe ngayo ukuxhasa abafundi abaqhamuka kubo bonke omasipala lapha KwaZulu-Natal, ikakhulukazi abantulayo, ukuze bayofunda babuye namakhono abazowasebenzisa komasipala abaqhamuka ngaphansi kwabo,” kusho uButhelezi esitatimendeni.
Laba bafundi basayine inkontileka nomnyango, ethi umnyango uzobhekelela zonke izidingo zabo baze baphothule izifundo zabo emanyuvesi.
Ngaphandle kokuthola imifundaze, baphinde baxhaswa yi-African Bank ngemali engu-R 2000 umfundi ngamunye eyivawusha yokuthenga izimpahla zokugqoka, kanti levawusha inikezelwe ngongu-Chief Executive Officer (CEO), kuleli bhange uMnuz Kennedy Bhungane, njengesipho.
Kuvela ukuthi phakathi kwabanye babafundi abahlomule ngalemifundaze, kubalwa kubo iNkosi uLwazi Mdlalose ethathwa njengencane kunawo wonke KwaZulu-Natal, eyofundela iziqu zomthetho (LLB), e-University of South Africa (UNISA).
UButhelezi ugcizelele ukubaluleka kwemfundo kulaba abahlomule ngemifundaze.
“Imfundo ingukhiye wokuvula yonke iminyango kungabhekiwe ukuthi uqhamuka ekhaya elinjani.
Abanye benu bazohamba amabanga amade behamba ngezindiza bewashiya kude lena amakhaya beyoncela umbele wolwazi, yingakho kumele niqikelele ukuthi niyazimisela uma nifika kulezi zikhungo zemfundo ephakeme, nathi sizoqinisekisa ukuthi siyaneseka ngakho konke.
Le mifundaze izobhekelela konke okuzobe kukhona, kanti kukhona namasentshana enizobe niwathola njalo ngenyanga (stipends), futhi sizimisele ngokukhulisa isibalo sabafundi esizobanika le mifundaze ngonyaka ozayo.”
UButhelezi, ngokukhethekile uphinde wahalalisela iNkosi yakwaMdlalose ngokucabanga ukuqhuba izifundo zayo, nokuqhakambisa imfundo.
“Ukunikezela ngamakhono emakhosini kuyinto esihlala siyenza, futhi iNkosi uMdlalose ibe yisibonelo esihle sasesizweni esiholayo ukuthi imfundo ibalulekile.”
Uphethe ngokubahalalisela bonke abaphase ngamalengiso wabafisela nempumelelo ezifundweni zabo emfundweni ephakeme, wathi lokhu abekwenze kwa-matric abaqhubeke bakwenze nasezikhungweni zemfundo ephakeme.