NGAMALUNGA oMkhonto Wesizwe, amabandla ahlukene nabanye abaseki , behambise uhlu lwezikhalazo ezindlini zoMbuso
AMALUNGA oMkhonto Wesizwe, amabandla ahlukene, kanye nabanye abaseka i-Palestine, bahambise uhlu lwzikhalazo ezindlini zoMbuso (Justice), eNewcastle , eNyakatho neKwaZulu-Natal, emva kokumashela ukucindezelwa kwezwe lasePalestine ngoba liqhubeka elakwa Israeli, lihlasela khona lapha eGaza. Lokhu kulandelwa ukuhlasela kwakamuva kwe-Israel ihlasela eGaza, kanye naseWest Bank, kuhlaselwa bona abantu basePalestine, abakubona kungokwephula umthetho womkhaba wonke (violation of international law). Kuvelile kulo uhlu lwezikhalazo ukuthi lokhu okwenziwa ilelizwe elihlaselayo kumele kuqedwe nya , futhi akulwisane nakho. Kuphinde kwavela ukuthi kusukela ngonyaka u-1948, indawo Nakba, isimo siya ngokuba sibi sokuhlaselwa kuphinde kungenwe ngodli ijazi lephoyisa kulelizwe lase Palestine. “ Eminyakeni ewu-20 , endlule elakwa Israel liyaqhubeka ngokungena ngenkani kulelizwe eselibalulwe ngenhla kanti futhi liyaqhubeka ngokucindezela liphinde licwase ngokwebala ezinye izinhlanga kulelizwe, okufana ncimishi nalokhu okwakwenziwa lapha e-South Africa ngesikhathi sobandlululo lapho kwakucwaswa khona abantu abansundu,” kusho isitatimende. Uhlu lwezikhalazo beluthi makuphoqwe ukuba kubekwe phansi izikhali kube nezingxoxo ezinokuthula ekulethweni kozinzo. Baphinde baphoqa ukuthi izwe lakwa Israel aliyeke ukuphoqa izigidigidi zabantu basePalestine ukuba bashiye imizi yabo ngoba bahlela ukuhlasela khona. Bathe bayasigxeka kakhulu isigameko sokuqhunyiswa ngamabhomu kwemizi, izibhedlela nokunye ngoba bakubona lokho ngokwephula amalungelo abantu bakulelli lizwe. Baphethe ngokuthi bayasigxeka kakhulu isenzo sase United States (US) kanye ne-Europian Union, sokuqhakambisa ngokuhlaselwa kubulawe ama Israel ebulawa ngama Hamas kodwa bebe bengakhulumi lutho ngokuhlaselwa kubulawe abantu base Palestine bebulawa ngama Israel asegcwele ubandlululo.