NGUNGQONGQOSHE uMnuz Sipho Hlomuka.Isithombe.SITHUNYELWE
UNGQONGQOSHE wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka, uthi bengumnyango bazokuqinisekisa ukuthi abezinkampani ezihambisa ukudla ziphinde ziphakele abafundi ezikoleni zakulesi sifundazwe bakhokhelwa ngesikhathi.
UHlomuka uqinisekise ukuthi zonke izinkampani ezingene ngaphansi kohlelo i-National School Nutrition Programme (NSNP), zizokhokhelwe ngesikhathi.
“Saqala ukwamukela amaphepha ashoyo ukuthi umsebenzi uzobiza malini (invoices), mhlaka 24 Januwari 2025, kanti imali yabo bonke labo somabhizinisi abaqhuba lo msebenzi ingenile mhlaka 28 Januwari 2025 kuma akhawunti abo, ukuze bonke bakhokhelwe singakashayi isikhathi.
Lokhu sikwenze ngenhloso yokuthi siqikelele ukuthi nokudla kutholakala nsukuzonke ezikoleni. Sincoma ukusebenza ngokubambisana nalezi zinkampani eziphakela abafundi ezikoleni,” kusho uHlomuka.
“Siyabonga kakhulu ngobambiswano esinalo nalezi zinkampani eziphakela abafundi ezikoleni ngoba zihambisa ukudla okunempilo nokungahanjelwe yisikhathi. Yingakho nathi sikubona kubalulekile ukuthi sibakhokhele ngesikhathi ngomsebenzi omuhle abawenzayo.”
Uphethe ngokuthi lokhu kuyisibophezelo sikahulumeni ukuthi izingane azilambi ezikoleni futhi ziphakelwa ukudla okunempilo, ngoba lokho kuphinde kunciphise ukulova ezikoleni kwezingane ezibuya emindenini entulayo, kuqinisekise nokuphakama kwezinga lokufunda ezikoleni.