INHLANGANO yezokugembula i-Hollywood Foundation iyaqhubeka nokuthuthukisa ulwazi lwe-khilikithi emiphakathini yabamnyama okuyingakho ihambela eMlazi Cricket Club, eThekwini, lapho ifike yanikezele khona ngezinsiza zokudlala umdlalo entsheni yakuleli lokishi, namuhla ngoLwesihlanu.
Okhulumela le nhlangano, uVuyisile Ngobese uthe: “Sizohambela Umlazi Cricket Club ngenhloso yokuyonikela ngezinsiza entsheni ukuze siqhakambise lolu hlobo lomdlalo olungandile ezindaweni zasemakhaya, kanti lwaziwa kakhulu emadolobheni. Lolu hlelo luzohlomulisa amakilabu amane ngenhloso yokuthuthukisa ikhilikithi emazingeni aphansi ikakhulukazi le miphakathi eshodelwa izinsiza, ukuze nayo ifane nabanye ontanga bayo abanazo lezi zinsiza-kudlala,” kusho uNgobese.
“Le ntsha izohlomula ngezinsiza zokuzifudumezela ukuqala umdlalo (warm-up kit), eyokuzilolonga (training kit), neyokudlala uqobo. Kanti lokhu kunikezelwa kwezinsiza kuzobanjelwa esikoleni, Umlazi Comtech High School, ngo-9 ekuseni ngoLwesihlanu. Ngonyaka odlule (2024) saxhasa izikole ezinhlanu ezingaphansi kwesiFunda Umlazi, sibaxhasa ngamanethi ekhilikithi kanye nezinsiza-kudlala,” kuqhuba uNgobese, ophethe ngokumema abezindaba ukuba yingxenye yalokhu kunikezelwa ngezinsiza kule kilabhu.