UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi nesikhulu esiphezulu kwa-Eskom, uMnuz Kevin Pillay, bahlangene ngoLwesihlanu ngenhloso yokwakha ubudlelwane bokusebenzisana kufakelwe ugesi izakhamizi zakulesi sifundazwe.
Kubikwa ukuthi uButhelezi kanye noPillay bahlangene ngenhloso yokuqeda ngezinselelo nezingqinamba zokushoda kukagesi KwaZulu-Natal, okuyingakho inkampani ephehla ugesi, i-Eskom, isibeke eceleni imali engu-R474 million yokuxhasa ama-projekthi angu-11, 753 okufakela ugesi ezakhamizini.
Esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba, uButhelezi uthe bahlose ukuphucula izinga lokufakelwa kukagesi ezakhamizini, baphinde baqhamuke nezixazululo zokushoda nokuhamba kukagesi, kuphinde kufakelwe laba abasala ugesi futhi abengenawo (infills).
“Siyazibona izinselelo nezingqinamba ezibhekene no-Eskom nomasipala esifundazweni saKwaZulu-Natal. Sihlose ukuqeda ngokuxhunywa kukagesi ngokungemthetho, ngoba lokhu kuphazamisa ukuphakelwa kogesi. Sifisa ukuthi singabi nenkinga yama-transformer esifundazweni.
“Sinezinhlelo zokuqhubeka nohlelo lokukhanyisela zonke izakhamizi. U-Eskom unohlelo lokuphakelwa kwezakhamizi ugesi kwisabelomali sawo sika-2025/26, lapho kukhona abazobe bekhanyisa okokuqala ezimpilweni zabo njengoba bengakaze babe nogesi phambilini.
Umnyango no-Eskom bazimisele ngokwakha lobu budlelwano ukuze kuphakelwe izakhamizi ugesi, kanti futhi sizimisele ngokusebenzisana nabo bonke omasipala bakulesi sifundazwe,” kusho uButhelezi.
Uqhube wathi bengumnyango no-Eskom bayakuqinisekisa ukuthi akuphazanyiswa ukuphakelwa kogesi ezakhamizini.
Uphethe ngokuthi bazibophezele ekusheshisweni kokuhanjiswa kogesi kubantu baKwaZulu-Natal futhi lokhu kumele kube into yesikhathi eside, ngoba ukuqhutshwa kwalo msebenzi kudala amathuba omsebenzi ezakhamizini.