KUBHEKEKE lukhulu kowandlulela owamanqamu kowezenqephu kwabasencane futhi abasafunda ezikoleni zemfundo ePhakeme ngoba kuzohlungwa kwabawu-25, okuthi abahambe phambili bese beya kowamanqamu.Njengoba sekuzohlungwa kwabawu-25, bebengu-100 , ebebengenele lomqhudelwano onesasas elikhulu ngoba iningi labangenelelile bafunda ezikoleni eziPhakeme, zifundela kona ukusika inqephu. Kuvelile ukuthi ngoba bewu-25, kulindeleke ukuthi kuqokwe abawu-10, abazobe sebengenela owamanqamu mhlaka 6 July 2024, kwiDurban July yalokulonyaka. Laba kuvelile ukuthi bazohlungwa mhlaka 19 June 2024, Okhulumela i_Hollywoodbets Foundation oyi-Public Relation Officer, uVuyisile Ngobese, ukuvezile ukuthi lomqhudelwano walonyaka unesasa elikhulu futhi laba basiki benqephu bazobe bedlana umlala mhlaka 19 June 2024. uqhube wathi kuzobe kukhona amajaji aseqophelweni eliphezulu abavela emikhakheni noma kumabhizinisi okusika inqephu kanti nowabe engumdlai webhola likanobhutshuzwayo oseyinxusa leHollywoodbets UMnu teko Modise naye uzobe elijaji kulomqhudelwano wabasiki benqephu. Uthe i-The Hollywoodbets Durban July Young Designer Awards, kungumqhudelwano waminyaka yonke kanti kulonyaka bahlose ngakho ukuthi bagqugquzele abasiki benqephu abasencane ukuthi bawuthande lomkhakha ukuze ukhule kakhulu kunakuqala. Uthe lokhu bakwenza ngokuthi bakhiphe imifundazwe ebhekelene nalomkhakha wokusika inqephu. Uphethe ngokuthi laba abawu-10 bazobe sebebhekana kowamanqamu mhlaka 6 Juy 2024, koweDurban July kanti uhlelo lume kanje lalomqhudelwano wezenqephu: Usuku: 19 June 2024
Isikhathi:18.30 for 19:00
Indawo:Gateway Theatre of Shopping , The Atrium, Entrance 5 Ground Floor, Parkade B
Ube esenxusa abezindaba ukuba babe yinxenye yalombukiso mqhudelwano.