ZIKUVUTHONDABA izinxoxo zokubusa ngokubambisana kwamaqembu ezepolitiki ikakhulukazi lana amakhulu. Kuzokhumbuleka ukuthi alikho iqembu eliwine ngo elethu kulolu khetho obelubhekwa ngabomvu ikakhulukazi lapha esiFundazweni zaKwaZulu-Natal, ngoba kubonakele ukuthi amaqembu amaningi achithe izinsuku eziningi egaya ivoti kulesifundazwe futhi esho nohlu lwezethembiso zabo ngenhloso yokuphatha kulesifundazwe. Njengoba oyiMenenja esifundazweni uMnu Sandile Maphumulo, esewumemezelile umphumela wesifundazwe kuvelile ukuthi amaqembu amahlanu amakhulu, athole amavoti amaningi okuyi-MK pahmbili , ilandelwe IFP, ANC, DA bese kuba EFF. Kuphinde kwavela ukuthi amavoti amaningi athathwe uMK oholwa ngowayenguMengameli wezwe uMnu Jacob Zuma, inqoba ngamaphesenti awu-45,35% esifundazweni, . I-IFP iphume isibili , ANC, DA kwathi i-EFF yaphuma isihlanu.
Lezi nombolo zisibekaphi na KwaZulu-Natal?
Njengoba umthetho uthi kungakapheli izinsuku eziwu-14 , kuphume imiphumela yokhetho ngoba kufuneka ukuthi nakanjani kumele kuhlale isiShayamthetho saKwaZulu-Natal , lokho okuzokwenzeka ngokuqala ngokukhethwa kukasomlomo. Lokhu kuzolandelwa ukuthi abanezibalo eziningi futhi eziwu-200, kuya phezulu bakwazi ukukhetha ozoba nguNdunankulu wesifunda bese kulandelwa ngokukhethwa kongqongqoshe. “ Njengoba lingekho iqembu eliwine ngamalengiso lokho kusho ukuthi kumele kube khona uhulumeni wobumbano ukuze kwakheke uhulumeni wesifundazwe,” esho. Uqhube wathi okwamanje izihlalo esiFundazweni i-KwaZulu-Natal, zimi kanje i-MK-37, IFP-15, ANC-14, DA-11 bese kuthi i-EFF-2. Kuzokhumbuleka ukuthi uMengameli wezwe uMnu Cyril Ramaphosa ukugcizelelile ukuthi amaqembu kumele asebenzisane ukuze kwakhiwe uhulumeni wobumbano, ozoba nozinzo uphinde uqikelele ukuthi usa izwe phambili. Uqhube wathi kumele sikwazi ukuthi lezihlalo esizithathayo ePhalamende kanye nakuzishayamthetho zasezifundazweni akusizona ezethu kodwa ngezabantu. Uthe la mandla esizobe sinikwe wona funeka sazi ukuthi sizowasebenzisela ukuphucula izimpilo zabantu, wakusho lokhu emva kokuba inhlangano yezokhetho i-IEC, ikhiphe imiphumela. Uohind. Wakuveza ukuthi nanxa amanye amaqembu ahlangana ngokuphikisana nemiphumela yokhetho, kanti ohamba phambili kulokhu owabe enguMengameli wezwe uMnu Jacob Zuma, kanye namanye amaqembu amancane. Uphethe ngokuthi abezokuvikela nokuphepha zakuleli bazokuqinisekisa ukuthi alukho uthuthuva oluzosuka.