UMkhandlu wesiFunda Amajuba ubuwethula uhlelo lwentuthuko edidiyelwe (IDP) Intergrated Development Planning ka-2024/ 2025 Emadlangeni.Kuvelile ukuthi bekuhlanganiswe 2024/2025 IDP kanye nosabelo mali (Budget consultative meeting) ngelendlule ngelendlule Emadlangeni Local Municipality ebibanjelwe ezinkunndleni zemidlalo e-Bensdorp kulonyaka zimali osubalulwe ngenhla. Bebeka phambili ubuholi be-IFP, ngoba kuyiyola ebusayo kulomasipala osubalulwe ngenhla. UMntwana Ndabuko Zulu oyimeya uthe siqhuba intuthuko phambili. Ube esegcizelela ngenkulumo yaSekela Meya, ukhansela Thembelihle Mthembu yakufakelwa kweziphehli manzi ezingompompi , ekuqinisekiseni ukuthi izakhamuzi zakuWadi 3 kanye no-6, bathola amanzi ahlanzekile ebebengenawo esikhathini esiphambili. “ Thina njengobuholi sizimisele ekuphuculeni izimpilo zabantu abasethembile, ngoba kuko konke esabathembisa kona siyazigcina izethembiso,” esho. Uqhube wathi baphinde bafaka ompompi Emxhakeni kanye naseNdwakazane, kwamancane kanye nase Kingsley. “ Isitebhu zokuqala esiya phambili nesinyathelo esisithathile ukuphakela umphakathi ngamanzi,” kusho iPhini leMeya ukhansela Mthembu. Okunye esikwenzile ukuqala sixhumane nomphakathi phecelezi consultative engagement nezakhamuzi ngoba sibeka phambili izimpilo zabo. UMeya waseMadlangeni ukhansela Buthelezi uqhube wathi sebethule amaprojekti amaningi kulomasipala ngenhloso yokuhambisa intuthuko kubantu.Uthe boona babambisene ne-Uikomst Mine uMasipala Emadlangeni zakhe inqalasizinda edle isamba semali esingu-3.8 million, sakha ezezinhlekelele (Disaster Emegency Services cenntre eyakhelwe ukusiza izakhamuzi uma kunezinhlekelele ezifana nokuhlasela kwezimvula ezinamandla. Uthe lokhu bakwenze ngesabelo zimali sika-2024/2025 Intergrated Development Planning kanye nohlahlomali (Budget), yakuleminyaka esibalulwe ngenhlla, ngokuthengela umphakathhi izinto zokulima ezifana namabhara ngaphansi kohlelo lwe-Local Economic Development (LED), engaphansi koMkhandlu Amajuba. Esephetha uthe abagcinanga ngokunikeza izimpahla zasezingadini kodwa baphinde bagixabeza osomabhizinisi abane imali ewu-R3500, kuma SMME asendaweni, ngenhloso yokuthi bathuthuke baphinde bakhule ngakwezomnotho.