KUNDLULE emhlabeni abantu abaningi kawaphinde kwacekeleka phansi izindlu eziningi kanye nenqalasizinda okubalwa kuyo izgxobo zikagesi nemigwaqo! Kuvelile ukuthi oMasipala abakhahlazemeke kakhulu emvuleni enamandla ebihlasele ngoMgqibelo ebusuku, eThekwini Metro, KwaDukuza kanye naseNdwedwe. Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu, Umnu Siboniso Mngadi esitatimendeni uqinisekisile ukuthi kundlule abantu abahlanu emhlabeni ngenkathi kuhlasela lezimvula ezinamandla ebezihambisana nokuduma kwezulu. Uthe abezimo eziphuthumayo kanye nabezinhlekelele bebethola izincingo kusukela ngehora lesishiyagalombili (8) kuya kweleshumi (10), ebusku , abantu befona bedinga usizo. Uqhube wathi kucekeleke phansi izindlu, amabhizinisi kanye nenqalasizinda ngenxa yezimvula ezinamandla ebizihambisana nesiphepho kanye nokudumo kwezulu. Uthe bayakuqinisekusa ukuthi abantu abahlanu bandlulile emhlabeni eThekwini Metro kanti abanye ababili basanyamalele. “ Kundlule emhlabeni ababili eFolweni emva kokuba bewelwe uphahla, omunye kuqinisekisiwe ukuthi ushonile esiGcemeni K eMlazi, emva kokuba kucekeleke phansi isakhiwo,” esho, eqhuba ethi kwesinye isgameko eTongaat , uthe kushone amalunga amabili omndeni emva kokuba umkhukhu abebehlezi kuwo ucekeleka phansi. Uqhube wathi ababili abantu abasanyamalele emva kokuba isakhiwo sabo esiwumkhukhu naso simuke nezikhukhula. Uthe abe Search and Rescue Teams beholwa abamaphoyisa eSAPS K9 Unit, IPSS Medical Rescue kanye neReaction Unit SA, bakhona endaweni yesigameko basathungatha laba abanyamalele. “ Lezi mvula ezinamandla zicekele phansi nenqalasizinda efana namanzi nogesi okwenze lokhu ukuthi abantu bantule amanzi nogesi eThekwini kanye naseTongaat, kanti futhi lomnyango usunikele ngomatilasi, izingubo kanye ne box-B, okuyizidingo zansuku zonke zomphakathi, usho kanje. Uthe oMasipala sebekhiphe amaloli ahambisa amazi kulezindawo okulimale kuzo inqalasizinda ngenxa yezimvula ezinamandla ezihambisana nokuduma kwezulu. “ Imigwaqo kanye namabhuloho kucekeleke phansi kuhlasela elzimvula,”esho. Uthe njengamanje babhizi bayakhuculula ngenxa yokuthi kukhona nezihlahlahla eziwele emigwaqeni kuhlasela lezimvula ezinxenyeni zesifundazwe. Uthe ngokombiko wesikhashana kuvelile ukuthi imizi engu-250 icekeleke phansi kwathi abantu ababalelwa ku-1000 bakhahlamezeka eThekwini, kwaphinde kwaphoqeleka ukuthi kuvalwe kuvalwe namabhishi eNyakatho nanye naseNingizimu, kanti futhi komenyezelwa uma esezovulwa. Uqhube wathi ibhishi engavaliwe Umgababa kuphela. “ KwaDukuza ngaphansi kwesiFunda Ilembe kucekeleke phansi izindlu ezingu-70, kwakhahlamezeka abantu abangu-300, kanye nemigwaqo lokhu okuze kwaphoqeleka ukuthi abezomgwaqo bayivale ngoba ibingasaphephile ukuthi kungahanjwa kuyo,” usho kanje, eqhuba ethi eSouth Coast esifundeni Ugu kuphoqeleke ukuba imigwaqo ukuba ivalwe kuphinde izimoto sinxuswe ukuba zisebenzise eminye imizila, kanti nase Port Shepstone ziningi izindlu ezicekeleke phansi. UNgqongqoshe walomnyango osubalulwe ngenhla uNkk Bongiwe Sithole-Moloi wendlulise amazwi enduduzo emindenini elahlekelwe zihlobo zayo ngenhla yesimo sezulu. Ube esezwakalisa ukuzwelana nalaba abalahlekelwe yimpahla , kwacekeleka phansi nezindlu zabo kanye namabhizinisi. Ube esenxusa yonke iminyango kahulumeni ukuba isondle ukuze kuzosizwa bonke laba abakhahlazemekile, kulesikhathi esinzima ababhekene naso. Uqhube wathi bayasebenzisana naleminyango Social Development, Human Settlements, Education kanye no-Eskom. Uthe ithimba labo lizoxhumana nabo bonke ababe zisulu zezikhukhula ezishiye abantu abaningi besele dengwane. Uphethe ngokuthi amathimba ezinhlekelele kanye nawezimo eziphuthumayo azolibe ekhona ezindaweni ezivamise ukukhahlamezwa zikhukhula ukuze assize.