UMNYANGO wezeMfundo KwaZulu-Natal usukuqinisekisile ukuthi abafundi abayisikhombisa basesikoleni samabanga aphezulu, iBongucele Secondary, esiseMthwalume, baphuthuyiswe esibhedlela ngoLwesithathu ngemva kokuthenga ama-chips okusolakala ukuthi anoshevu esiphaza.
Kubikwa ukuthi laba bafundi abayisikhombisa bathenge la ma-chips besaya esikoleni ekuseni base begula, kwaphoqeleka ukuthi baphuthunyiswe esibhedlela beyothola ukwelashwa.
Esitatimende esithunyelelwe abezindaba, okhulumela umnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Muzi Mahlambi, uthe abayisithupha balaba bafundi bathole ukwelashwa esibhedlela esiseduze, kwathi oyedwa wabo wangadedelwa ngoba ekhulelwe ukuze athole ukwelashwa kahle.
“Lona ongadedelwanga ngenxa yokukhulelwa benzele ukuthi babe nesikhathi esanele ukuze bamxilonge,” kusho uMnuz Mahlambi, othe amaphoyisa ayaqhubeka nophenyo lwawo njengoba eseyile nasesiphaza ukuhlola ukuthi ngabe la ma-chips abenani.
“Singumnyango siyakuqinisekisa ukuthi ezempilo nokuphepha kwabafundi sikubeka phambili,” kusho uNgqongqoshe wezeMfundo esifundazweni, uMnuz Sipho Hlumuka, obe esenxusa abafundi ukuthi bangalokothi bathenge ukudla okungagunyaziwe.
Seziningi izigameko lapha abafundi bethenga ukudla eziphaza kanye nalabo abathengisa ezikoleni bese begule.
Sekukhishwe nesekhula lapha KwaZulu-Natal, ikhishwa nguMnyango ufisa ukuqikelela ukuthi iziphathimandla okubalwa kuzo abaqondisi bomnyango, othishanhloko, abazali kanye nezigungu ezilawula izikole ukuthi bahlangane neziphaza futhi bazihlole ukuthi ingabe zidayisa ukudla okuyikho yini.
UHlomuka, esitatimendeni uthe: “Kubalulekile ukuthi sazi ukuthi izingane zidayiselwa ama-sneksi angenabo ubuthi. Ukudla okudayiselwa izingane kumele kuqinisekiswe ukuthi kuhlanzekile kanti nabezempilo komasipala kumele bazihlole nezitolo ukuthi azidayisi yini ukudla osekuhanjelwe isikhathi nokungahlanzekile. Abafundi kumele kuqinisekiswe ukuthi siyabaphephisa, kungagenjulwa ngezimpilo zabo, futhi asizibeki izimpilo zabo engcupheni.”