UMNYANGO wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu, usethukile futhi ushaqekile emva kokuba kubulawe Induna yesifazane, uNkk Lucia Nonona Mahlaba (42), osebenza ngaphansi kwe-Emadlangeni Traditional Council. Kuvelile ukuthi Induna lena esibalulwe ngenhla ihlaselwe isemzini wayo, ngeSonto ebusuku. Kuphinde kwavela ukuthi ngokolwazi oluthunyelelwe lomnyango kushone abantu abane kulesigaemko sokubulawa kweNduna, uMahlaba. “ Kushone Induna Mahlaba, indodana yayo uMnu Thando Mahlaba oneminyaka engu-22, umngani uMnu Asanda Zikhali (19), bese kuba ngumakhelwane uNkk Shonaphi Mbatha (50), kusho okhulumela lomnyango osubalulwe ngenhla esitatimendeni esithunyelelwe leli phephandaba uMnu Siboniso Mngadi. Siqhuba sithi Induna nomndeni wayo bahlaselwe besemzini wayo eCharlestown, e-Utrecht, kumasipala Emadlangeni. Uqhube wathi Induna uMahlaba izamile ukubaleka yabe isimemezo omakhelwane icela kodwa labahlaseli bayilandelile okuthe uNkk Mbatha ezama ukusizo kwabe sekuholela ekushoneni kwakhe naye odutshuliwe. “ Kuyakhathaza kakhulu ukuthi Induna yesifazane ebingenawo amandla okuzivikela kanye nabantu besilisa abasebancane ukuba baluze imiphefumulo yabo ngalolu hlobo behlaselwa ngabantu abangaziwa,” esho. Uqhube wathi babonga isibindi esikhonjiswe ngumakhelwane oshone ezama ukuhlenga impilo yeNduna, yakwaMahlaba. UNgqongqoshe walomnyango osubalulwe ngenhla ube esendlulisa amazwi enduduzo emindenini nakubangani abalahlekelwe yizihlobo zabo. Uthe bayadabuka kakhulu ngoba lesi gameko sehla nje kuqedwa kudutshulwa kubulawe Inkosi yasemaNtungweni, Inkosi Sphamandla Khumalo kanye noNdlukulu umaDlamini abakhona Emadlangeni, ezinyangeni ezimbalwa ezindlule. Uqhube wathi lokhu kubuhlungu kakhulu ngoba kwenza lungabi bikho uzinzo ebuholini bendabuko. Uphethe ngokuthi banxusa zonke izinhlaka zomthetho ukuthi ziluthathele phezulu lolu daba futhi ziqinisekise ukuthi abenzi bobubi, bayaboshwa nengalo yomthetho idlale indima yayo bajeziswe