AMAKHOSI aKwaZulu-Natal, ngaphansi kweProvincial House of Traditional and Khoisan Leaders (KZNPHTKL), afuna ukuthatha izinyathelo ezinqala emva kwesigameko esenzeka phambi kweSilo uMisizulu kaZwelithini kanye noMengameli wezwe uMnu Cyril ramaphosa, ngenkathi kugujwa kuphinde kukhunjulwa ISilo esesakhothama uDinizulu kaCetshwayo, kwaCeza ngoMgqibelo esisuka kuwo. Kuvelile ukuthi bafuna ukuthatha isinyathelo belandela uSihlalo waMakhosi , Inkosi R.S Shinga, lapho kuzoba khona isithangami esingavulelekile, esizobe sithanyelwe ngamakhosi kanye nesigungu esiphezulu sesifundazwe (Executive Council of KwaZulu-Natal), lapho kulindeleke khona ukuthi uNdunankulu wesiFundazwe uNkk Nomusa Dube-Ncube, abe yinxenye yaso. “Kuphinde kwavela esitatimendeni esithunyelwe nguMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, esithunyelwe egameni likaNgqongqoshe Bongiwe Sithole-Moloi, ukuthi kulindeleke ukuthi uNdunankulu ezwe ngesinqumo esizothathwa ngamakhosi. Lesithangami sihlelwe kanje:
Usuku:ULwesithathu mhlaka 20 March 2024
Indawo: Old Legislative Building
Indawo:Ulundi
Isikhathi:14H00
Lesimemezelo sikhishwe uSihlalo we KZN Provincial House of Traditional and Khoisan Leaders, Inkosi R.S Shinga
Ngemibuza ungathintana noMnu Dumo Mtyinkalo -066 000 1503
Noma uMnu Siphamandla Mbewu -072 1202312.