UMKHANKASO wamaphoyisa aseNewcastle ehlangene nezinye izinhlaka zompthetho (Law Enforcement Agencies), izinhlangano zomphakathi (Social partners) kanye nezinkampani zonogada (Security Companies), bakwazile ukubopha abasolwa abawu-646, ngamacala ahlukene okubalwa kuwo awokuzama ukubulala kanye nawokubamba inkunzi kuhlonyiwe. Kuvelile ukuthi lomkhankaso uqale kusukela mhlaka 1 August 20 20 kuya kumhlaka 31 August 2024. Kuphinde kwavela ukuthi ngenkathi kuqhutshwa lomkhankaso kuboshwe abasolwa ngamacala okubalwa kuwo awokuzama ukubulala , ukubamba inkunzi amabhizinisi, ukugqekeza ngenhloso yokweba, ukuntshontshwa kwezimoto, ykyshaya ngenhloso yokulimaza, ukutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni, ukushayela bephuzile, ukutholakala nezidakamizwa, ukutholakala nempahla yokwebiwa kanye nokutholakala abokufika abahleli kuleli ngamphandle kwezimvume. UBrig Vassie Naidoo umphathi wesiteshi samaphoyisa aseNewcastle uncome kakhulu amaphoyisa ngomsebenzi wawo wokubopha bonke labasolwa asebebalulwe ngenhla ngamacala ahlukene. Uphinde wanxusa umphakathi ukuba uqhubeke njalo ulethe ulwazi olungaholela ekuboshweni kwezigilamkhuba. Uphethe ngokuthi umphakathi kumele usebenzisane namaphoyisa ngaso sonke isikhathi ngoba izigebengu zihlala emphakathini futhi zaziwa yiwo futhi umphakathi.