INKAKHA yomculo engasekho uLucky Dube.Isithombe sicashunwe kuFacebook
INKAKHA yomculo, uRichard “Richie S” Siluma, ikholwa wukuthi isihlabani somculo we-reggae esingasekho, uLucky Dube, asikahlonishwa ngokwanele kuleli laseNingizimu Afrika ekubeni sesihlonishwe emazweni ehlukahlukene eminyakeni edlule.
USiluma wodumo lwamanoni ezingoma okubalwa kuzo i-African Dance ne-Change ngeminyaka yo-80s, ungumzala kaDube, kanti njengamanje usengumbhali wezingoma no-projusa onenkampani eqophela abaculi abehlukene umculo.
Ube nengxoxo ekhethekile ne-Izwi Lomphakathi, eNewcastle Inn, eNewcastle, ekuqaleni kwaleli sonto.
“Usehlonishwe emhlabeni wonke jikelele uLucky Dube, kodwa akakaze ahlonishwe ezweni lakhe azalwa kulona, eMzansi Afrika. Umuntu uhlonishwa esaphila, kodwa yena akahlonishwanga esaphila, ngisho noma engasekho,” kusho uSiluma, oncome inkampani eyayiqopha umculo kaDube, i-Galo Record Label ngokumhlonipha.
UDube ongowokudabuka e-Ermelo, eMpumalanga, lapho azalelwa khona ngo-1964, ngokuhamba kwesikhathi wahlala eMadadeni, eNewcastle, kwamzala wakhe uRichard, okunguyena owamfaka eqenjini lomculo wombhaqanga, i-The Love Brothers, esengumfundi (uDube) eXolani High School, Osizweni, ngasekuqaleni kweminyaka yama-80s.
Nakuba ayeqale emculweni wombhaqanga, kodwa uDube lapho aqala ukuzakhela khona kakhulu udumo kusemculweni we-reggae, owaziwa njengomculo wamaRasta, njengoba ebalwa nezinye izihlabani zalo mculo ezingasekho ezaduma eminyakeni edlule, okubalwa kuzo uBob Marley noPeter Tosh.
Phakathi kwamanoni ama-albhamu ashisa izikhotha ngeminyaka yama-80, 90s kuya ko-2000, aduma ngawo uDube, kubalwa i-Slave (1987), Prisoner (1989), House of Exile (1991) ne-Respect (2006), ukubala phakathi kwamaningi.
Ukuvelela nokudayiswa komculo wakhe kwamhlomulisa ngomklomelo owaziwa nge-Best-Selling African Music, kuma-World Music Awards ngo-1996.
Wadlula emhlabeni ngo-Okthoba ka-2007 edutshulwa esigamekweni sokubanjwa kwenkunzi, eGoli.
Nakuba kungekho ukuhlonishwa okungakho uDube aseke akuthola kuleli, kodwa abeSouth African Music Awards (SAMA), basihlonipha lesi sihlabani ngemuva konyaka sidlule emhlabeni, emunxeni we-Lifetime Achievement ngo-2008.
“Wawubeka ebalazweni lomhlaba umculo we-reggae, nezwe laseMzansi Afrika emhlabeni, ngakho udinga ukuhlonishwa.
Ngifisa kube nendumezulu ye-festival eNewcastle, okuyilapho okuzomele kuhlonishwe khona uLucky nezinye izinkakha ezazakhela udumo emculweni we-reggae. Kule festival ngifisa ukumema izinkakha kulo mculo eziqhamuka emazweni afana noJamaica namanye amazwe ase-Africa ukuze kuzobungazwa kuphinde kuhlonishwe uLucky,” kuqhuba uSiluma, othe ufisa le festival ibe minyaka yonke njengoba naye uDube wazungeza umhlaba ejabulisa abathandi bomcu