BEKUFINYWA ngendololwane ngenkathi bekunomcimbi wokuvala unyaka eNkantolo yeNkosi yasemalangeni KwaNkosi Traditional Council. Inkosi Madoda Gravis Nkosi, ibubungaza usuku lokuvala unyaka, lapho encome Izinduna kanye namalunga omkhandlu wayo ngokusebenzisana kahle kwaze kwafika isikhathi southi kuyiwe emaholidini. Iqhube yathi lonyaka ubaphathe kahle kakhulu ngoba kundlule emhlabeni Induna eyodwa vo, akufanani nangonyaka ophelile u-2022, lapho kwandlula khona izinduna ezining emhlabeni. Ibe isifisela izinduna kanye namakhansela omkhandlu amaholidi amahle naphephile yathi ifisa ukuthi nangonyaka ozayo kuphinde kuhlanganwe sisaphelle kanje engekho ophulukwane nomphefumulo. ” Nginifisela amaholidi aphephille nanenjabulo,” iphethe kanye Inkosi Gravis Nkosi.
Amathimba ezimo eziphuthumayo ayalekelela emijondolo eshile i-Dakota, eSipingo
AMATHIMBA ezimo eziphuthumayo (KWAZULU-Natal Provincial Disaster Management Centre, phecelezi (PDMC), isiqalile ihlanganisa usizo oluzonikezelwa emindenimi ekhahlamezekile ngesikhathi kusha imijondolo eDakota,...