UNGQONGQOSHE wezokuBusa nokuBambisana neZomdabu, uNkk Bongiwe Sithole-Moloi, usigxekile isigameko sokubulawa kweNduna yesifazane ngesihluku. Uthe ukubulawa kweNduna uDuduzile Mchunu, lokhu kubuhlungu kakhulu ngoba kwenzeka ngenyanga yokulwisana nokuhlukunyezwa kwezingane kanye nabesifazane okubizwa ngokuthi “16 Days of Activism Against Abuse of Women and Children” , okudlangile kuleli. Uthe Induna Mchunu ubulewe ngesihluku emzini wakhe, emva kokuba bebesazilile ngoba kukhone Induna yaseMandeni uHenry Shandu , naye oqeda kubulawa ngesihluku. Uthe lokhu kubulawa kweziNduna kubi kakhulu ngoba bekusanxuswa ukuba kuvikelwe abantu besifazane nezingane ,futhi kube noxolo. Uqhube wathi bengumnyango bandlulisa amazwi enduduzo esizweni sakwaMchunu, kubangani kanye nakumphakathi wonkana owakhele lesi sizwe. Ube esenxusa amalunga omphakathi angaba nolwazi mayelana nalesigameko sokubulawa kwenNduna uMchunu ngesihluku ukuba abikele amaphoyisa ukuze ingalo yomthetho izodlala indima yayo. Uqhube wathi bazama ngawo wonke amandla ukuba baqinisekise ukuphepha kwezinduna namakhosi ngoba miningi imiphefumulo esindlulile kulesiFundazwe saKwaZulu-Natal, lapho kubulawa khona abaholi bendabuko, lapho kuphinde kube nemibango yokuphatha emindenini. Uphethe ngokuthi bafisa ukuqinisekisa ukuthi umphakathi, abaholi bendabuko baphephile kulesiFundazwe saKwaZulu-Natal, ngoba kubonakala ukuthi izigameko zokubulawa kwabantu ziya ngokukhula kakhulu.