AMATSHITSHI aseDannhauser abefisa ngazathi asefikile eMkhosini woMhlanga ngendlela abewulungele ngayo. Lomkhosi ogujwa kwaNongoma esigodlweni seSilo eNyokeni wenziwa minyaka yonke, kwaNongoma esiFundeni i-Zululand , lapho amatshitshi noma izintombi nto ziphatha imihlanga ziyise eSilweni futhi zigabisa , ziphinde zizigqenye ngobuntombi bazo. KuloMkhosi omkhlukazi okujwa njalo ngenyanga yamaSiko namaGugu, kuyaye kuhambele izintombi ezevile kweziwu-25 000. 00, zakuleli kanye neziqhamuka emazweni angomakhelwane afana nakoSwaziland, Zimbabwe, Lesotho kanye nasemazweni aphesheya kwezilwandle ngoba basuke behlose ukubona ubuhle besiko likaZulu kanye nokunotha kwalo. Kulomcimbi wamunyaka wonke ziyahlolwa izintombi ngonomehlo ezintombi ezigodini zazo. Laba onomehlo bezintombi bayaqinisekisa ukuthi ayikho intombi eya emhlangeni ingahlolwanga futhi baqinisekisa ukuthi iyintombi nto. Ongomunye ongusomehlo wezintombi elingadalulwanga igama lakhe (‘virgins’ testers ), uthe sikulesigaba sokuya kulomkhosi odume umhlaba wonke ngoba kubanjiswene abazali nabantwana ababugcinile ubuntombi babo. Uqhube wathi abantu besifazane bayizinsika zemizi futhi bavusa imizi umhlaba wonke phecelezi ‘Imbokodwe.’ Uphinde wanxusa ukuba izingane zamantombazane zihlale zibugcinile ubuntombi bazo, zize zifike emshadweni. Uthe amatshitshi noma izintombi nto azibe isibonelo esihle kwabasakhula. Kuzokhumbuleka ukuthi ISilo siyakugqugquzela ukuthi abantwana abazigcine , babe zintombi nto, ukuze bangazimbandakanyi ocansini besebancane futhi bengashadile, ukuze bavikeleke ezifweni ezifana nesondulela ngculazi kanye nokukhulelwa ngaphandle komshado. UMeya wseDannhauser uKhansela Mabhungu Hadebe uthe sibonga kakhulu kunina nomehlo ngokusibhekela izimbali zesizwe. “ Nihambe kahle, nihambe ningamatshitshi futhi nibuye niyiwo, siyanihlonipha kakhulu futhi siyanithanda, kodwa okumele nikwazi nokumele nikuqikelele ukuthi niba amatshitshi bese niyafunda ,futhi ngoba ukuzigcina kwenu ningenayo imfundo kuyofana neze leze. Uqhube wathi kunesikhathi lapho ongazigcina khona kuze kube khona ofuna ukukwenza unkosikazi , kodwa uma uhlukumezeka ebudlelwaneni awukwazi ukuphuma ngoba awusebenzi, uphinde uthi sengihlalele izingane. “ Ibalulekile imfundo ukuze nizimele,” esho. Uphinde wanxusa onke amatshitshi ukuthi abambisane aze abuye angaduki futhi angahambi izindlela zawo. Uphethe ngokuthi ningantshontshelani izinto, nihambe kahle, nizigcine nize nithole umshado.