NGABAKLONYELISIWE yinhlangano yezokugembula i-Hollywoodbets. Izithombe. Zithunyelwe
INHLANGANAO yezokugembula i-Hollywoobets Foundation iklomelise abesifazane koweSuper League, ngaphansi kwamaqembu kanobhutshuzwayo abesifazane kuleli!
Laba baklonyeliswe ngamasheke kanye nezinkomishi, ngaphansi kwemikhakha eyahlukene okubalwa kuyo umdlali wesizini, unozinti wesizini, umdlali osemncane wesizini, umshayimagoli wesizini, unompempe wesizini, umdlali odonsa izihlwele wesizini, usekela nondweba wesizini kanye nomphathi wesizini. Kuphinde kwavela ukuthi leligi esibalulwe ngenhla iya ngokundlondlobala ngenxa yokuxhaswa yilenhlangano esibalulwe ngenhla, elibeka phambili ibhola likanobhutshuzwayo labesifazane futhi elixhasa kakhulu kuya phambili. Okhulumela lenhlangano uMnu Kuhle Mkhize uthe, lamaqembu abeqhudelana ngaphansi kwalesigaba nabadlali bawo benze okuhluke kakhulu , bakhombisa amakhona kanye nokuzinikela okukhulu emidlalweni yingakho sibone kubalulekile ukuba sibaklomelise, ukuze sikhuthaze nabanye ukuba bazimisele kulemidlalo ngoba sihlose ukuqhakambisa ibhola labesifazane kuleli. Uqhube wathi laba besifazane bebe veza amakhono abo amahle futhi bebevelele emakilabhini abo yingakho beklonyelisiwe. Lokuklonyeliswa bekukhonjiswa kumabonakude u-SABC 1 ngoMgqibelo ebusku, bemukela nemiklomelo yabo. UMkhize ubonge kakhulu igalelo labesifazane ebholeni likanobhutshuzwayo eselinesasa elikhulu kunakuqala. Ube esebonga laba abalandelayo abahlomulile kulemikhakha esibalulwe ngenhla: umdlali omncane wesizini-Mmabatho Mogale (TUKS), unozinti wesizini –Kaylin Swart (JVW), umdlali wesizini-Boitumelo Rabale (Sundowns), umqeqeshi wesizini-Thinasonke Mbuli (UWC), unozinti wesizini-Sphumelele Mbuli (UJ), unompempe wesizini-Hloniphile Msezane , usekela nompempe-Amogelang Msiza, umdlai othandwa zihlwele-Chuene Morifi (Sundowns) kanye nomphathi (Administrator of the season) Boitumelo Lekalakala( University Of Pretoria). Lomcimbi wokuklonyeliswa kwabenze kahle ebholeni likanobhutshuzwayo ububanjelwe e-Vodacom Dome, eMidrand, lapho kubongwe khona kakhulu iqembu le-Sundown esilithathe lesicoco se-Hollywoodbets Super League , amahlandla amathathu iminyaka ilandelana. Uqhube wathi iqembu labesifazane lenze kahle kakhulu kowe-CAF Women’s Championship League, ngokunqoba okwesibili eminyakeni emithathu eyendlule. UMengameli weSAFA uDr Danny Jordaan ubongele bonke abawinile, wathi ubonge ne-Hollywoodbets Foundation ngokuxhasa lemiqhudelwane , esiyintandokazi kuleli. Uqhube wathi bekungunyaka obalulekile kakhulu ebholeni kubantu besifazane. Ube esebafisela amaholide amahle namtoti wathi ufisa benza kahle kahkule ngonyaka ozayo u-2024. Ongumxhumanisi omkhulu kwi-Hollywoodbets Foundation, Indira Albequerque, uthe uthe ukwenza kahle kwamaqembu kwi-Hollywoodbets Super League, kukhombisa ikusasa eliqhakazile kulemidlalo esibalulwe ngenhla. Uthe beyinhlangano bangabaxhasi abazigqenyayo ngokuxhasa abesifazane futhi baphinde bagqugquzele kakhulu abesifazane ukuthi bawulandele umkhakha wokudlala ibhola labesifazane, ukuze lithuthuke futhi libe sezingeni lomhlaba. Uphinde wangcoma kakhulu i-Banyana banyana ngendlela edlale ngayo emiqhudelwane webhola lamazwe omhlaba, nonyaka . Uphethe ngokubonga iqembu leSundowns ngokunqona umqhudelwane we-CAF Women’s Championships League kulonyaka nokuphinde banqobe okwesibili eminyakeni emithathu kulandelana.