KUBOSHWE abasolwa abathathu emva kokuba betholakele nemfuyo yokwebiwa eNquthu, abaneminyaka ewu-24 kanye newu-32. Kuvelile ukuthi amaphoyisa angaphanzi kwesiFunda Umzinyathi Task Teamn kanye nawaseGlencoe Stock Theft avimbe imoto ebisolisa ngokuthi ilayishe impahla yokwebiwa emva kokulunywa indlebe ngamalunga omphakathi , abe eseyivimba, okuthe uma laba basolwa bebuzwa ukuthi bayithathephi bahluleka ukuphendula babe sebeboshwa khona lapho, baphinde batholakala nesibhamu esingekho emthethweni. Laba basolwa baboshe emgwaqeni onwu-R68 ebebehamba ngawo belibangise eNquthu. Okhulumela amaphoyisa akulesiFunda Umzinyathi uConst Siyabonga Nkwanyana uthe esitatimendeni kuboshwe abasolwa abathathu abatholakale nemfuyo yokwebiwa kanye nesibhamu esingekho emthethweni sohlobo lwe pistol kanye nezinhlamvu. uqhube wathi laba basolwa batholakale belayishe izinkomo ezine ngenqola abebeyidonsa, kanti futhi bebenganawo amaphepha abagunyaza ukutghi balayishe lemfuyo. Bpnke labasolwa basagcinwe esiteshini samaphoyisa aseDundee, kanti kulindeleke ukuthi bavele enkantolo kamantshi maduzane bebhekene namacala okutholakala nemfuyo yokwebiwa isibhamu esingekho emthethweni kanye nezinhlamvu.