KWESOKUNXELA yibambaMenenja eMajuba uMnuz Thulani Dube, yibamba le Meya laseMajuba uKhansela Thembelihle Mthembu kanye noMenenja ehhovisini likaMeya uMnuz Sakhile Mnisi. LANGELIHLE CHAGWE
IBAMBA leMeya kuMasipala wesiFunda Amajuba uKhansela Thembelihle Mthembu uthe ukwentuleka kwamanzi kwizakhamizi zaseMajuba sekuyofana nephupho.
UMeya uMthembu ukusho lokhu ngenkathi bekunesithangani nabezindaba kwitshemba (Chamber), eMajuba, yediphathimente yezimo zezezihlekelele ngoMsombulo, okuthe uma kuphela lesithangani nabezindaba kwase kuvakashelwa izigcini manzi esezakhiwe ngaMajuba okuyi-Braakfontein Reservoir engaphandle kancane kwaseMadadeni, eNewcastle, kanye nesinye esise Durnacol esibizwa ngokuthi i-Ramaphosa Reservoir, esisakhiwa.
Uthe uMasipala wase Newcastle usibolekile esinye isigcini manzi esise Brakfontein.
Lokhu bekuhambisana nokugubha izinsuku ezingu-50 uMeya uMthembu aba yibamba lemeya njengoba aqala ukungena kulesikhundla mhlaka 15 Disemba 2024, emva kokuba kwaphuma uMntwana Ndabuko Zulu, kulesikhundla.
“ Kumosheka imali eningi uma kuqashwa onogada ukuba bagade inqalasizinda entshontshwa ngenhlolo ngokusolakala ukuthi kwenziwa ngosopoliti njengoba uma sekunemihlangano yamakhansela bese beqhakambisa ukushoda kwamanzi,” kusho yena.
Uqhube wathi kumoshakala imali eningi uma kuntshontshwa kuphinde kucekelwe phansi inqalasizinda, ngoba uma isilungiswa kudla abakhokhi bentela imali eningi, kanti lokhu kungagwemeka.
“ I-Ramaphosa Reservoir idle lomkhandlu imali engu-175 million , kanti idale amathuba omsebenzi kubantu abangu-61 , yaqasha osonkontileka abangu-21 , abasafufusa (sub-contractors), esho.
Uthe i-Resevoir iBraakfontein idle imali engu-R60 million kodwa ayikaze isebenze njengoba inezinkinga ,yingakho kukhona uphenyo oluqhubekayo.
“Sibambisene nonjiniyela sesitholile ukuthi yini ebangela ukushoda kwamanzi , esithole ukuthi ukuvuza kwamapayipi, ukulinyazwa kanye nokuntshontshwa kwenqalasizinda , inqalasizinda esindala kanye nokuzixhumela ngokungekho emthethweni,” kulanda uMeya uMthembu.
Uqhube wathi kunophenyo oluqhubeka oluqhutshwa yi-Special Investigation Unit (SIU), lwemali engu-R60 million eyachithwa kukhokhelwa iprojekthi(usonkontileka), engaphumelelanga (Braakfontein).
Ube esebala izinto esenziwe njengoba enezinsuku ezingu-50 esabambe kweseMeya.
“ Sikwazile ukuvala amapayipi avusisa amanzi eMadlangeni , saqinisekisa ukuthi abekho ompompi abanganamanzi (no dry taps), saqinisekisa ukuthi uMeya waseNewcastle usiboleka isigcini manzi esizophakela amanzi, sisebenzisana nohulumeni wesifundazwe ukuze siqinisekise ukuthi i-Arcelor Mittal ayivalwa, ngoba ukuvalwa kwayo kungadala ukuthi kube nobubha, njengoba abantu ababalelwa ku-3000 bangalahlekelwa imisebenzi, senzele ogogo uKhisimuzi, saxhasa ithonamenti yezemidlalo e-Charlestown, senzela ikhaya labantwana abantulayo ukhisimuzi i-KwaHilda Ongcwele, saba nelantshi naMakhosi elikhethekile ngenhloso yokuwanxenxa ukuba akhuze izakhamizi ukuba zingacekeli phansi inqalasizinda futhi zingayintshontshi, sasiza abakhahlamezwe zimvula ezinamandla, saba nomhlangano wokucobelelana ngolwazi nezinhlaka ezahlukene ngenhloso yokongiwa kwamanzi nokuwagcina isikhathi eside, sanikelela ngemifaniswane ekuqaleni konyaka u-2025.