USOLWAZI Nokuthula Sibiya ogcotshwe njengo-Vice-Chancellor eMangosuthu University of Techology. Kwesingaphansi nguChancellor waseMangosuthu uMnuz Sandile Zungu, uSolwazi Lourens van Staden, MUT Administrator, Dr Marcia Socikwa, Deputy Director General-Department of Higher Education and Training uMnuz Paul Slack Izithombe: ZITHUNYELWE
KUQOPHEKE umlando esikhungweni semfundo ePhakeme i-Mangosuthu University of Technology (MUT) kugcotshwa owesifazane okokuqala emlandweni walesi sikhungo esikhundleni sokuba ngu-Vice-Chancellor.
USolwazi Nokuthula Sibiya ugcotshwe ngokusemthethweni esikhundleni sokuba ngu-Vice-Chancellor waseMangosuthu, emcimbini obukule nyuvesi, ehholo i-Dr Pixley kaSeme, ngoLwesihlanu esiphuma kulo.
Phakathi kwezikhulumi nezifundiswa ebezishiyelana inkundla kulo mcimbi, kubalwa uMnuz Sandile Zungu owushansela kule nyuvesi, uDkt Marcia Socikwa osemnyangweni weMfundo ePhakeme, usihlalo we-Institutional Forum uDkt Thembi Kweyama, nephini likashansela wase-University of Zululand, uSolwazi Xoliswa Mtose.
USolwazi Sibiya, ongowokuzalwa elokishini laseMlazi, eThekwini, okwakhiwe kulo lesi sikhungo semfundo, uqokelwe kulesi sikhundla ngoJulayi walo nyaka, waqala ukusebenza ngokusemthethweni kuso ngo-Agasti, njengoba ebesegcotshwa ngoLwesihlanu.
Ungumuntu wesifazane wokuqala ukuphatha lesi sikhundla kule nyuvesi eneminyaka ewu-45, eyasungulwa ngo-1979 nguMntwana Mangosuthu Buthelezi ongasekho. Uthathe lesi sikhundla phambilini obekubambe kuso uSolwazi Marcus Ramogale.
“Ngokomlando, mhla sivulwa lesi sikhungo savulwa ngabafundi abangu-15, njengoba manje sesinabafundi abevile kwabangu-14 000. Ngakho ngihlose ukuthi sisebenze ngokubambisana ne-Students Representative Council (SRC), abafundisi (lecturers), abasebenzi, osomabhizinisi, izimboni kanye nabaxhasi,” kusho uSolwazi Sibiya.
“Ngizimisele ukuthi ngibone ikusasa labafundi nabafundisi bekhuphukela phezulu empilweni yabo ngokuthi benze okuhle kuphela. Le nyuves i-MUT ayigcini kuphela ngokufundisa, kodwa izibophezele ekutheni abantu bayathuthukiswa ukuze bazigcine sebekwelinye izinga empilweni.
Nginesifiso sokuthi ngiguqule indlela yezifundo ezenziwa kulesi sikhungo zibe yilezi ezizokhulisa, kuthi nabafundi abaphuma lapha babe yinyama ezinkampanini ngenxa yamakhono esizobe siwatshale kubona.
Le nyuvesi iyisizinda sokucija abantu ngamakhono azobasiza ukuvula noma yimiphi iminyango evaliwe, kulwiswane nobubha nokusweleka kwemisebenzi. Ngakho sinezinhlelo zokubambisana nezimboni kanye nomphakathi ukuze kusizakale abafundi bakwazi ukuba ngabaholi kwezamabhizinisi futhi nomsebenzi wabo baqinisekise ukuthi bayawenzisisa.”
USolwazi Sibiya ube esememezela isigungu somkhandlu omusha wale nyuvesi azosebenzisana naso ekuyithuthukiseni, kwakhiwe ikusasa eliqhakazile kubafundi nakubafundisi.