NGUMNUZ Teddy Nyathi weNyatee Foundation. Kwesinye nguMeya waseMajuba uKhansela Thembelihle Mthembu kanye nabafundi abaphase ngamalengiso. Izithombe. LANGELIHLE CHAGWE
UMSUNGULI aphinde abe nguSihlalo wefawundeshini i-Nyatee Foundation uMnuz Teddy Nyathi uqgugquzele ukuthi kuhanjelwe zonke izikole ezingakhiqizi imiphumela emihle kutholakale ukuthi ingabe yini imbangela yalokho.
Ukusho lokhu ngenkathi bekunomcimbi wokubungaza kuphinde kuklonyeliswe abafundi abaphase ngamalengiso kanye nezikole eziphase ngamaphesenti angu-100 kanye nezikhuphule izinga lokuphasa.
Lomcimbi wokubungazwa nokuklonyeliswa kwabafundi abaphase ngamalengiso , nezikole ezenze kahle ububanjelwe ehholo i-Blue Ridge Crystal, eNewcastle, ngoLwesibili lolu esisuka kulo.
Uqhube wathi akumele njalo sihlale sibheke ekuklonyelisweni kwabafundi kanye nezikole ezikhiqize imiphumela emihle ka-matric, kodwa kumele sikubeke emihlombe ethu ukuthi siyahamba siyohlola ukuthi ingabe yini imbangela enza ukuthi lezi zikole zingenzi kahle emiphumelweni.
UMnuz Nyathi ube esenikela ngemali engu-R600 000 okumele ingene kuyi akhawunti ezosungulwa ukubhekelela izinselelo nezinqinamba ezenza lezi zikole ukuba zingaphasi kahle.
Ube esinxusa uMqondisi emnyangweni wezeMfundo eMajuba uMnuz T Nzama kanye noyibamba leMeya uKhansela Thembelihle Mthembu ukuba bavule i-akhawunti, lapho ezofaka khona le mali yokusiza izikole okusolakala ukuthi ezinye zazo sishoda ngezinsizakufunda okuyimbangela yokuthi zingenzi kahle.
Ukugcizelele ukuthi ake kukhulunywe kakhulu ngezikole ezingenzi kahle kungagxilwa kwezenze kahle., ukuze zilekelelwe. Uqhube wathi yingakho sibone kubalulekile ukuthi sibe nesikhwama esibhekelele zona lezi zikole ezingenzanga kahle.
Uphinde wakhala ngokuthi eminyakeni engu-30 sazuza inkululeko kodwa asinalo ibhange labantu abamnyama.
Uphethe ngokuthi sebexhase abafundi abangu-10 ngemali engu-R1.2 million ngemifundazwe, yokuyofunda ezikhungweni zemfundo ePhakeme.
Oyibamba leMenenja eMajuba uMnuz Thulani Dube uthe sibhekene nenselelo yokungabibikho kwamathuba omsebenzi njengoba lesiFunda Amajuba sinabantu ababalelwa ku 600 000 abangasebenzi. Uthe ngalemiklomelo sihlose ngayo ukuthuthukisa intsha siphinde siyicije ngamakhono, wabe esebonga bonke abaxhasi balomcimbi.
UNgqongqoshe wezokuphatha ezomphakathi (Public Services and Administration), Inkosi Mzamo ithe abafundi abenze kahle mabangakholwa ukuthi basuka kuphi futhi kumele bathathe izinqumo eziphusile.
“Kumele nazi ukuthi nithatha uhambo oluhle lingadukiswa ubukhazikhazi enizobubona ezikhungweni zemfundo ePhakeme, fundani njengabaholi bakusasa,” esho.
Uphethe ngokuthi sifisa ukuba sithole kini onjiniyela , ama athizeni kanye nochwepheshe emikhakheni eyahlukene.
Oyibamba le Meya eMajuba uKhansela Thembelihle Mthembu ube esebongela futhi wahalalisela bonke abafundi abaphase ngamalengiso kanye nezikole ezilinyusile izinga lokuphasa kanye nalezi eziphase ngamaphesenti angu-100.

