UNGQONGQOSHE wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka, uthi basashaqekile ngokudutshulwa kubulawe kukathishanhloko wesikole samabanga aphezulu, i-Sikhethuxolo High School, eHammarsdale, eThekwini.
Isehlakalo sokudutshulwa kukathishanhloko waseSikhethuxolo senzeke ngaphandle kwamagceke esikole ngoLwesine ntambama ngemuva kokuphuma kwesikole.
“Lesi senzo asivumelekile futhi sisashaqekile futhi sidiniwe ngaso,” kusho uHlomuka esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba lapho eveze khona ukuthi isidumbu sikathishanhloko (ongakadalulwa) sisesendaweni yesigameko.
Uqhube wathi unxusa amaphoyisa aluthathele phezulu udaba lokubulawa kwalo thishanhloko, wabe esedlulisa amazwi enduduzo emndenini kamufi, ozakwakhe abesebenza nabo, nabafundi bakulesi sikole.
“Silahlekelwe ngumsebenzi obesebenza ngokukhulu ukuzinikela ezinganeni nasemphakathini waku lendawo. Izikole ziyindawo yokufunda nokufundisa aziyona indawo okumele isatshwe. Kuyashaqisa ukuthi izigilamkhuba zingazobulala uthisha ngaphandle kwamagceke esikole ngale ndlela ebuhlungu kangaka. Ukubulawa kwalo thisha akusiyona into ebhekene nomndeni kuphela, izingane nomnyango ulahlekelwe.
Sifisa amaphoyisa asebenze ngokukhulu ukuzikhandla nokuzinikela ekuqinisekiseni ukuthi abenzi bobubi bayabanjwa baboshwe ngokushesha babhekane nengalo yomthetho.
Sesijube abasebenzi bomnyango ukuba baphuthume esikoleni ukuba bayoluleka izingane nothisha ngemva kwalesi sigameko.”
UHlomuke uqhube wathi bamatasa nezindlela zokuqinisekisa ukuthi othisha nabafundi baphephile ezikoleni zaKwaZulu-Natal, wathi lesi sigameko sibakhumbuza ngokubaluleka kokuvikelwa kwezingane nothisha ukuqinisekisa ukuthi basebenza endaweni enokuthula nephephile.
Waphetha ngokunxusa amalunga omphakathi ukuba asebenzisane namaphoyisa ngokuwanika ulwazi oluzoholela ekuboshweni kwezigilamkhuba.