BEBENGAHWEBI ngenhla yezindawo zokuhweba ezikhahlamezwe zikhukhula.isithombe. LANGELIHLE CHAGWE
UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal,uMfu Thulasizwe Buthelezi wendlulise amazwi enduduzo emindenini elahlekelwe ngamalunga emndeni yawo njengoba bekuhlasele izimvula ezinamandla, ezindlule nemiphefumulo yabantu abayisikhombisa esiFundazweni saKwaZulu-Natal.
Kubikwa ukuthi abayisithupha abandlule emhlabeni baqhamuka ngaphansi kukaMasipala weTheku bese kuthi oyedwa yena uqhamuka ngaphansi kukaMasipala Abaqulusi.
Kuvelile ukuthi abayisithupha bawelwe izindlu.
UNgqongqoshe uMfu Buthelezi uthe esitatimendeni, abayisithupha bashone ngenkathi indlu yodaka iwela phezu kwabo kwase kumuka ingane yesikole encane eShowe, etholakele ngoLwesihlanu ngabatshuzi (Search and Rescue), ngoLwesihlanu.
Ube esendlulisa amazwi enduduzo emndenini ka Lindokuhle Mthembu oneminyaka engu-13, waseNsimbini, Emmanuel Nkwanyana oneminyaka engu-45 , waKwamakhutha, Alwandle Sihlelelwe oneminyaka engu-12, wase Demat , kanye nase mndenini wentombazane eneminyaka engu-13 yase Folweni, uMlungisi Mhlongo oneminyaka engu-44 kanye naku Siphindile Mhlongo oneminyaka engu-41 base Adams Mission.
Uqhube wathi esitatimendeni abezezinhlekelele batshalwe ezindaweni ezahlukene futhi ezikhahlamezekile ukuba bayokhuculula.
“ Izindawo ezikhahlamezekile kakhulu kubalwa kuzo i-Theku, Ladysmith kanye naseNewcastle , lapho izikhukhula zigugule imigwaqo khona,” esho.
Uthe esitatimendeni , abakhahlazamekile bathola usizo oluvela kuhulumeni wesiFundazwe saKwaZulu-Natal kanti iminyango yezokuHlaliswa kwaBantu kanye nowezeNhlalakahle bamatasa bahambisa usizo kwabakhahlazamekile.
“ Abezimo zezezinhlekelele esiFundazweni saKwaZulu-Natal , basiqaphile isimo ikakhulukazi ezindaweni lezi ezijwayele ukuba nezigameko ezinzima, njengoba kulindeleke izimvula ezinamandla ngalempelasonto,” kuqhuba yena uMfu Buthelezi.
Uthe esitatimendeni ongoti (technicians) ,babhizi bazama ukubuyisela ugesi okhahlazamekile kuhlasela izimvula ezinamandla.
“Lezi zimvula zisuphule izihlahla phansi zalimaza nenqalasizinda ewugesi zaphinde zacekela phansi imigwaqo.
Uphethe ngokunxusa izakhamizi ukuba zingalokothi zithathe uhambo olunganasidingo ziphinde zizame ukuwela imifula , kanye namabhuloho angabonakali ukuthi asekhona noma awasekho.