UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi, usemukele isigwebo seminyaka engu-15 esinikwe uMnuz Fezile Bho Zama, ngemva kokuba elahlwe yicala lokweba amaphampu amanzi eZinqoleni, ePort Shepstone, ngaphansi kwesifunda uGu.
Kukholakala ukuthi uMnuz Zama wagqekeza wabe esentshontsha amaphampu amabili esiphehlini manzi, i-Ezinqoleni Water Pump Station, okwenza kwaphazamiseka ukuhanjiswa kwamanzi ezakhamizini zakule ndawo.
Esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba, uMfu Buthelezi uthe “Angeke sikubekezelele ukuthi kubekhona abantu abazocekela phansi ingqalasizinda ngoba nokuyithenga kudla ephaketheni labakhokhi ntela.”
Uqhube wathi lesi sigwebo esinikezwe uZama sizothumela umyalezo oshubile ezigebengwini ukuthi ingalo yomthetho iyasebenza futhi kumosheka izigidigidi zemali kubuyiselwa ingqalasizinda komasipala baKwaZulu-Natal.
“Uma kuntshontshwa ingqalasizinda kuphazamiseka ukuphakelwa kwamanzi ezakhamizini kuphinde kushiye abantu besebumnyameni uma kuntshontshwe amakhebula kagesi,” kusho uButhelezi.
. “Ngifisa ukuthi izakhamizi zizibike izigameko ezifuze lezi ngoba izona ezihluphekayo uma sekuntshontshwe ingqalasizinda,” kusho uMfu Buthelezi.
Uphethe ngokubonga onogada bakuMasipala wesiFunda Ugu namaphoyisa aseZinqoleni ngokusebenza ngokukhulu ukuzikhandla ukuze kuboshwe kuphinde kugwetshwe uZama