Ezigamekweni ezahlukene kuboshwe abasolwa abaneminyaka esukele kwengu 26 kuya kwengu 28 endaweni yase Uitvaal nase Poemroy emva kokubanjwa inkunzi kuhlonyiwe. Amaphoyisa ohlaka lweNhlanhleni SAPS VISPOL athole umkhondo ngabasolwa abebehamba ngemoto bengu-6 abe esegasela lapho kuthiwa imoto yabo ihamba ngakhona. Kuvelile ukuthi amaphoyisa athe elandela lemoto ibibalulwe genhla kuthe uma eyibona abasolwa babe sebeqala bedudula bebhekise emaphoyiseni nawo abe esephendula ngezulu lezandla kwabe sekuba nokudutshulwana, kwabe sebeboshwa kwatholakala nezibhamu ezintathu kubasolwa, kanye nempahla lokwebiwa. Icala lokugqekeza kuhlonyiwe belibikwe esiteshini samaphoyisa aseKuvukeni, kanti ngnkathi beboshwa kutholakale nezinhlamvu. UMj-Gen Francis Slambert usishayele ihlombe lesenzo samaphoyisa sokuboshwa kwabasolwa ngesikhathi sikancibijane lapho abantu ngabe kufanele bazijabulise nemindeni yabo bedla imali abayisebenzele unyaka wonke.