BAGQUGQUZELA umatikuletsheni ukuba wenze kahle ezifundweni zabo abe Life Changing Christian Academy, eNquthu, eNyakatho, neKwaZulu-Natal. UMpositoli TG Nala uthe banezinhlelo zokugqugquzela umatikiletsheni nabanye abafundi ukuba bakhuthale futhi bazimisele ezifundweni zabo. “Abantu abafundele ukwazi hhayi ukuphasa,” esho. “ Silekelela abafundi nsukuzonke, amahlandla, abenza uGrade 10 kuya ku Grade 12, ngokuba batadishe sibacijela noma sibalungiselela izivivinyo zabo zokuphela konyaka. “Asifuni izingane zifunde sengathi ziyahlanya ngoba sekuzobhalwa, akumele balayishele ukuthulula, kubalulekile ukufundela ukuba Nolwazi. “Sisuke silwela ukuthi umuntu kuphele unyaka enolwazi ngoba sifuna kusasa bakwazi ukuzimela bazivulele amathuba emisebenzi, kuloluhlelo nezikole zikahulumeni siyazivulela ukuthi zizocosha ulwazi kithi mahhala.” kusho uNala Uqhube wathi njengoba sekuzohlolelwa ukuphela konyaka siyi Nquthu Church Council sibagqugquzela abafundisi abangaphansi kwalomfelandawonye wamabandla ukuba bavakashele izikole eziseduze namabandla abo ukuze bangenelele ngomkhuleko ukulekelela abafundi empini ababhekene nayo yeminoya emibi. “Yingakho namanje sinesiqiniseko sokuthi akekho umfundi waseNquthu ongeke asale ngaphandle kumthandazo ngoba abafundisi bethu bakhona, kanti abafundi base Life Changing Ministries bahlala bekuthola ukukhulekelwa masonto wonke, siyathemba uNkulunkulu uhlala ebabiyele ngoba nabo bagqugquzelekile futhi bafundisiwe indlela yokuxhumana noNkulunkulu balwe nemimoya, yingakho sikhuthaza abafundisi ukuba bavakashele izikole ngoba uSathane uthanda ukudlalela entsheni.””Eqinisweni u-Grade 12 wethu wonke uhlala uphasa ngo-100 %, kodwa okusijabulisa kakhulu nesifuna ukukuqikelela kakhulu ukuthi uma sebephasile bayakuphi, kumanje siyaziqhenya ngonyaka k- 2022 bonke abafundi bethu bamukelwa emanyuvesi kanti nakulonyaka sifuna kube njalo ,ngoba phela abafundi bethu bahlala ngaphakathi, bayaphekelwa, bayawashelwa, bona into yabo ukuba babhekane nezincwadi.”
Uqhube wathi isikole i-Life Changing Christian School yona inongoti kwezenqondo esikoleni u Dr Zaza, olekelela abafundi ngokubagqugquzela ngokwenqondo naye futhi akagcini emagcekeni abo uyaphuma avakashele izikole zikahulumeni ayokhuluma nabafundi bakhona mahhala njenge Bongumenzi Secondary , baphinde babakhulekise njengoba benza esikoleni sabo.”Ezimweni zemvula sigqugquzela abazali ukuthi mabahlelele izingane ukuba zihlalele ngaseduze nesikole, noma zingahlala esikoleni okanye bangazicelela ezihlotsheni ukuze uma kwenzeka izulu liphazamisa bangazitholi beluzwa ithuba elibaluleke njengaleli.” kuphetha uNala
Amabandla kanye nezikole abafisa ukuba yinxenye yezinhlelo ezibhekele umphakathi ze Nquthu Church Council ne Live Changing Ministries and Academy bangaxhumana no Apostol TG Nala Ku +27 83 519 6046