BASEBENZA ngaphansi kwezimo ezishaqisayo, nezinzima, ezimbonini zendwangu nezezingubo! Lokhu kuvele ngenkathi bekuhlolwa izimo zokusebenza ezimbonini zendwangu kanye nezezingubo, esiFundeni Ilembe, eMandeni, kusukela mhlaka 11-12 December 2023. Kuphinde kwavela ukuthi okushaqisa kakhulu azikho izintuba noma omabhobokelana , abangaphephisa abasebenzi uma kuba khona izigameko zokuqubuka komlilo, ukuze baphume ngokuphuthuma futhi nezicima mlilo kazibonwa kulezimboni. “Abasebenzi bangashonela ngaphakathi ezimbonini ngoba zingekho lezintuba , esezibalulwe ngenhla. “ Bazothathelwa izinyathelo ezinqala abaphula imithetho yabasebenzi kanye nalabo abaphula amalungelo abasebenzi okuphepha , ngokubasebenzisela ezindaweni ezingahlanzekile neziphephile,” kusho, uNksz milly Riuters, ongu Labour Chief Inspector, eqhuba ethi, njengomnyango babheke kakhulu izinto ezithinta ukuhlomula kwabantu kanye nokuholelwa kwabasebenzi amaholo afanele (minimum wages). Uphinde wakuveza ukuthi abanye abasebenzi kulezimboni baholelwa imali engu-R4, ngehora, okuyinto ephambene nomthetho olawula ukuholela abasebenzi ngehora ngokwemali yesilinganiso ebekwe ngumnyango (minimum wage). Uthe abasebenzi baholelwa imali engaphansi kuka R25-R42, ngehora ebekiwe ngumnyango wezabasebenzi. Uqhube wathi bonke laba abaphula lemigomo bazolitheza olunenkume. Uthe laba abazibiza ngemifelandawonye kanti inhloso yabo ukuphula imithetho nabo bazothathelwa izinyathelo ezinqala. “ Izisebenzi zisebenza amahora amade noma evile, kakhulu kulezimboni,” esho, eqhuba ethi, uma beke babazisa abaqashi ukuthi bayeza bazohlola, bavele banyamalale, ngoba bazi ukuthi imithetho yezabasebenzi abayilandeli. Uphinde wakhala kakhulu ngeningi lale zimboni wathi ziqashe abantu bangaphandle futhi abangenamaphepha, okuba kuleli. Ukhale kakhulu ngokuthi lezimboni izona eziqashe abesifazane abaningi kodwa ziphula imithetho kanye namalungelo abasebenzi. “ Labantu besifazane basetshenziswa ezindaweni ezingahlanzekile, zigcwele lokhu okuxakayo, imithetho yokulimala neyezifo ayilandelwa, kanti futhi nabasebenzi abaqeqeshiwe ngokwanele ukwenza lemisebenzi abayenzayo. Uthe loku kungalandelwa kwemithetho yabasebenzi kwenziwa ngamabomu amakhulu.UMnu Edward Khambule we Department of Employment and Labour Chief Director: Provincial Operations, unxuse izimboni zendwangu nengubo zase-South Africa, ukuba ziqikelele ekutheni ziyayilandela yonke imigomo yokusebenza ezibekelwe yona, ngoba ezinye zazo zibhaliswe ngaphansi kwe-Johannesburg Stock Exchange (JSE). Uthe ukuphulwa kwemithetho yezabasebenzi kuhamba phambili futhi kudla lubi kulezimboni. Uthe siphume umkhankaso wokuhambela zonke lezimboni esezibalulwe ngenhla ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi imigomo yonke yezabasebenzi iyalandelwa. Uthe umnyango uke washaya ikhwelo lokuthi ayilandelwe imithetho yabasebenzi (adhere to labour laws), lena ephulwa nsukuzonke. Uqhube wathi kuke kwaba nesigameko embonini yendwangu eNewcastle, lapho kwashona abantu abane ngenxa yokuthi bezingekho izintuba zokubaleka uma kuqubuka umlilo. Uthe kwaqubuka umlilo kwashona abane kwalimala abaningi, kuleyomboni, ngenxa yokuphulwa kwemithetho. Uqhube wathi ukuhlolwa kwezimboni sekuzoba yinsakavukela ngoba kubonakala ukuthi imithetho iphulwa ngamabomu. Uthe lomkhuba wokuthi abaqashi bathi basebenza njengemfelandawonye ,ayibathinti lemithetho elawula amalungelo abasebenzi, izophela ngoba basuke behlose ngakho ukuphula imithetho. I-Clothing Bargaining Council ithe liphezulu kakhulu izinga lokuphulwa kwemithetho ezimbonini zendwangu nengubo esiFundazweni saKwaZulu-Natal.Uphethe ngokuthi siyalwisana naso lesihlava.