KUBHUBHE abantu abayisishiyagalombili kushayisana mahlanze imoto neloli kuN2, eMandeni Isithombe: IPPS Medical Rescue Facebook
KUBALWA abafundi abayisikhombisa kubantu abayisishiyagalombili okuqinisekiswe ukudlula kwabo emhlabeni engozini yomgwaqo enyantisa igazi ebandakanya imoto encane yohlobo lwe-Toyota Avanza eshayisane mahlanze neloli emgwaqeni onguthelawayeka uN2 phakathi kweMandeni neGingindlovu, ezintathakusa zangoLwesihlanu.
Kubikwa ukuthi abayisishiyagalombili abebekule moto encane baphelele khona endaweni yesehlakalo, okubalwa kubo nomshayeli wayo olinganiselwa eminyakeni engu-18 nobephakathi kwabafundi abayisishiyagalombili.
Kuvela ukuthi laba bafundi bebengayi esikoleni, bezibuyela endaweni yokuzijuxuza ngenkathi behlelwa yile ngozi okusinde kuyo umshayeli weloli okubikwa ukuthi usesimeni esibucayi esibhedlela.
UNgqongqoshe wezokuThutha KwaZulu-Natal, uMnu Siboniso Duma, ongomunye wabaholi abazifikele mathupha endaweni yesehlakalo, ucashunwe emsakazweni uKhozi FM ekuqinisekisa ukuthi kushone abafundi abayisishigalombili abebengekho esikoleni ngenkathi imoto abebehamba ngayo ishayisana neloli ebelihamba ngakolunye uhlangothi.
“Umshayeli weloli naye libe selimphunyuka iloli, layoshona esihluthu ngenkathi zishayisana mahlanze izimoto zombili. Siyasigxeka kakhulu lesi sehlakalo, ngoba laba ngabafundi okufanele ngabe bebelungiselela ukuya esikoleni ngesikhathi sesehlo sengozi, kodwa esikhundleni salokho bebesemgwaqeni kungaziwa kuthi bebeqhamukaphi ekuseni kangaka,” kusho uDuma, othembise ukuthi bazovakashela imindeni yabashonile, ethembisa nokuthi benguhulumeni bazolekelela lapho bengalekelela khona.
Oyilunga lomndeni wabanye balaba abashonile, uNksz Nonhlanhla Dlamini, uthe kushone amalungu amathathu omndeni wakhe ku lengozi. Uthe basadidekile ngokubehlele.
Oyikhansela lendawo okwehle kuyo ingozi, uMnu Dumisani Mthembu, uthe naye usashaqekile ngenxa yale nhlekelele.