UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uNkk Bongiwe Sithole-Moloi wethule uhlelo lokuthuthukisa Ondlunkulu kwezoMnotho basemakhaya olibizwa ngokuthi Ondlunkulu Rural Development Programme, ngokusuku olugujwa minyaka yonke lomama umhlaba wonke olubizwa ngokuthi Internation Women’s Day. Kuphinde kwavela ukuthi ngalolu hlelo lokuthuthukiswa kwabaholi bendabuko besifazane oelubalulwe ngenhla. “ Lolu hlelo kuhloswe ngalo ukulekelelwe imifelandawonye yamakhosikazi Amakhosi kuphinde athuthukiswe kwezomnotho. Kuphinde kwavela ukuthi kulolu hlelo kuxhaseke imifelandawonye ephethwe yiwo amakhosikazi Amakhosi engamashumi amane, ehlomule ngamathuluzi abazowasebenzisa ekusebenzini ngenhlabathi. “ Lolu hlelo sakhuluma ngalo mhala sasigubha usuku lomama ngonyaka ophelile u-2023 (Commemorating Women’s Month 2023), lapho baveza khona Ondlunkulu ukuthi babambe igqaza elikhulu ekusizeni abesifazane kanye nemindeni yabo, “ kusho yena, eqhuba ethi, laba banamaprojekti okufuya izinkukhu, awokuthunga, ukubhaka kanye nawezingadi. Uthe laba bomama bazama ukwakha imali yokuziphilisa. Ube esenikezela ngamathuluzi afana namageneretha, ohavini bokubhaka kanye nezinsiza zokulekelela ekokulimeni. “ Umnyango ubeke eceleni imali engu-R10million ekuxhaseni laba besifazane,” esho. Uthe ngalolu hlelo sifuna abantu besifazane bazakhelo umnotho bakhone nokuziphilisa kanye nemindeni yabo kanti futhi luzosiza ekukhandeni noma ekuthuthukiseni umnotho wasezindaweni zase makhaya. Uqhube wathi laba besifazane abahlonziwe bacelwa ukuba benze izicelo zokuxhaswa (proposals), waphinde wathi bona kudala bexhasa abanntu bengumnyango kodwa bakubone kubalulekile ukuthi baxhase Ondlunkulu okuyibona abalekelela kakhulu omama emiphakathini abahlala kuyo. “ Okubaluleke kakhulu ukuthi iningi lab obese luvele luyiqalile lemifelandawonye kodwa ingaxhasiwe. Uqhube wathi lokhu kuwuhlelo lwabo lokufukula osomabhizinisi abasafufusa basemakhaya. “ Ondlunkulu abaholi emiphakathini ngoba bayakhona ukulekela kulabo abasuke behlwempu nabadingayo,” esho. Usho kanye,” uma siqhubeka sitshala kubona sizokhula kakhulu siphinde sikhulise nomnotho wasezindaweni zasemakhaya, kanti namathuba omsebenzi asedalekile futhi maningi asazodaleka uma sitshala kubantu besifazane kanye noNdlunkulu. Uthe bengumnyango bazimisele ekutshaleni kakhulu kubo, baphinde babalekelele ngenkece. USihlalo weProvincial House of Traditional and Koi-San Inkosi Sifiso Shinga ubonge kakhulu uNgqongqoshe Moloi ngokusukumela phezulu axhase Ondlunkulu. Uthe labomama bayakwazi ukondla imindeni yabo ngezitokofela kanye nangemifelandawonye. Uthe sijabule kakhulu ngalolu hlelo lokubhekelela Ondlunkulu, ngoba lolu hlelo lixosha indlala emakhaya , luphinde luthuthukise abesifazane kwezomnotho. Uphethe ngokuthi Amakhosi azohlinzeka ngomhlaba kanye nolunye uhlelo abazolidinga.