Monday, June 23, 2025
DONATE
PROFILE
  • Login
  • Register
No Result
View All Result
Izwi Lomphakathi Newspaper
ADVERTISEMENT
  • Home
    • Advertise
    • Rate Card
  • Community
  • Crime
  • News
    • Provincial
    • National
    • Politics
  • Entertainment
    • Events
  • Sports
    • Schools Sports
    • Club Sports
  • About Us
    • Terms & Conditions
    • Privacy Policy
Subscribe
  • Home
    • Advertise
    • Rate Card
  • Community
  • Crime
  • News
    • Provincial
    • National
    • Politics
  • Entertainment
    • Events
  • Sports
    • Schools Sports
    • Club Sports
  • About Us
    • Terms & Conditions
    • Privacy Policy
No Result
View All Result
Izwi Lomphakathi Newspaper
No Result
View All Result
Home Letter Community

Ngangingazi ukuthi ngogcina senguwumlingisi oqavile

by Langelihle Chagwe
September 8, 2024
in Community
Reading Time: 2 mins read
A A
0
Ngangingazi ukuthi ngogcina senguwumlingisi oqavile
Share on FacebookShare on Twitter
ADVERTISEMENT

NGANGINGAZI ukuthi ngizogcina senguwumlingisi oqavile ngoba mina ngangingumdlali webhola futhi iphupho lami kwakunguzibona sengidlalela elinye lamaqembu asezingeni eliphezulu. Lana ngamazwi ashiwo nguMnu Thembinkosi Gerald Chagwe ongumlingisi oqavile manje owazalelwa endaweni yase Surry Farm , eDannhauser, eNyakatho neKwaZulu-Natal, manje osehlala eGoodgeluk. Kuvelile ukuthi lomlingisi umnu Chagwe  wayengumdlali webhola esemncane futhi waqala imfundo yamabanga aphansi e-Spookmill Primary, wandlulela eMpala Hi wayoyophothula umatikuletsheni wakhe eMziwethu High, eMbabane, eShepstone Lake khona eDannhauser.  Uthe kwabakhona uthisha oyedwa owathi kimi Bhashin okwakuyigama aqanjwa lona ngoba wayedlalisa okomdlali owaduma uBhashin Mahlangu, uMnu Mlungisi Khumalo owathi angimphelekezele siye eNelspruit eMpumalanga ngoba kwakukhona isiqephu afuna ngidlale kuso , ngavuma nami sahamba. Uqhube wathi bathe uma befika eMpumalanga wamnika olayini abambalwa wathi kuye uzolingisa lona owabe enguMengameli wokuqala wentando yeningi uMnu Nelson mandela. “ Ngafunda leyomigqa isikhashana kodwa ngamtshela ukuthi angikaze ngilingise empilweni yami ngoba ngangizidlalela ibhola,” esho. Uthe abantu abawuvalanga umlomo injabulo ngendlerla engalingisa ngaywe owabe enguMengameli wezwe osebalulwe ngenhla. Uqhube wathi sathi uma sibuya ngonyaka u-2001, kwabakhona omunye uMnu Mfanafuthi Mdlalose aka Fufu, owathi kimi Bjashin kunoMnu Bongani Linda ofisa ukukubona , kodwa ongasekho , owathi mfana ngifisa ukuhamba nawe siye eJozi  (Johannesburg), uyodlalela iqembu lami lebhola i-Orlando Kwaitos. Uthe ngavuma ngathi ayikho inkinga sohamba ngoba ibhola kwakuyinto yami. “Wajika endleleni uMnu Linda wathi kimi ngifuna ukuthi ulingise owabe eyiLembe uShaka ,ngamtshela ngathi angikwazi ukulingisa ube  esenginika omunye umfana wathi akangiqeqeshe  okwakunguMnu Meshack Mavuso (Javas) , nempela ngaluthola uqeqesho kuye. Uthe kusukela lapho angiphindanga ngabheka emuva, saqala sahamba izindawo siya kwamanye amazwe afana  Grahams town National arts festival ,abantu bengijabulela ngekhono lokulingisa iLembe. “ Kulesosikhathi abantu babengibuza ukuthi ngihlobene yoini noHenry Cele naye owabe engumlingisi oqavile,” esho. Uqhube wathi ngabatshela ukuthi asihlobene kodwa bathi ngiyafana naye futhi ngilingisa njengaye. “ Saqala sahambela izindawo ezifana noGhana noBelgium  silingisa khona nekhono lami lokulingisa lakhula lapho.,” elanda. Uqhube wathi  bebehambela izindawo ezifana VSTC ,Victory Sonqoba Theatre Company, ngaphinde ngavela kumabonakude kuMzansi channels , ngivela kumdlalo  iSitha ngiyinkabi (Hitman ), naku Diep City ngingu Manyambane isigebengu. Uthe ngidlalile e Pretoria State Theatre, ngilingisa ukuba yiNkosi uSsiShaka akaShayeki umfo kaSenzangakhona. Uthe kumanje uyalingisa kumdlalo otholakala kuYou Tube osihloko esithi  Love and Revenge, lapho ngiyibhoza yezigebengu khona futhi igama abangibiza ngalo khona nginguNsimbi. Uthe uzobhema ukholwe uma ungabukela lomdlalo esiwenzayo. Uma ufuna ukusibona ungangena ku https:youtu./ZwgqApGuSRI?si=K88xL3LLoUVT_Dcp.

Langelihle Chagwe

Langelihle Chagwe

Izwi Lomphakathi Newspaper is 100 percent in IsiZulu and it was established immediated when the killer dicease Covid 19 plaqued the Globe. Publisher is an experienced Journalist with more than 21 years experience in the media fraternity. Publisher had worked for various newspapers such as The New Age,Daily Sun, Sowetan, Northern Natal Courier and other community newspapers. It aimed in promoting reading and to disseminate informatio or to inform the community at large about the news that is happening around them. It also aimed at promoting the culture of going back to basics and promote the reading using indigenous languages which is now fading. Going online will also help to educate, inform the public about news happening around them and nationally.

Related Posts

Wemukele ubizo lwabadala lokusiza abantu owesifazane wase Springbok, eDannhauser

Isikole samabanga aphansi Ingwe zizidlele amahlanga emculweni wamakwaya, eNewcastle

by Langelihle Chagwe
June 21, 2025
0
3

NGUTHISHANHLOKO uMnuz Sfiso Ngobese, uthishela oculisayo uMnuz Nhlamvu Buthelezi kanye nezingane zesikole. Isithombe.SITHUNYELWE ISIKOLE samabanga aphansi esisemakhaya esizinze endaweni yaseBhalanki...

Wemukele ubizo lwabadala lokusiza abantu owesifazane wase Springbok, eDannhauser

Wemukele ubizo lwabadala lokusiza abantu owesifazane wase Springbok, eDannhauser

by Langelihle Chagwe
June 21, 2025
0
3

IQEMBU lebhendi i-Mfundweni St Johns Band. Kwesinye nguNksz Zibuyile Vilakazi obemukela ubizo. Izithombe. LANGELIHLE CHAGWE UBUNANDISWA yiqembu lebhendi yeSekethe i-Mfundweni...

Kuboshwe umsolwa kwashaqwa izomoto ezimbili, eGreytown

Lugujwe ngempumelelo usuku lwabaphila nebala elimhlophe,eLister

by Langelihle Chagwe
June 18, 2025
0
3

KUNGENKATHI kugujwa usuku lwabaphila nebala elimhlophe eSizamokuhle. Izithombe.ZITHUNYELWE LUGUJWE ngempumelelo usuku lokuqwashisa abantu  ngabaphila nebala elimhlophe (International Albinism Awareness Day),...

Bekusindwe ngobethole kugcotshwa Inkosi yakwaSithebe , eKilkeel

Bekusindwe ngobethole kugcotshwa Inkosi yakwaSithebe , eKilkeel

by Langelihle Chagwe
June 15, 2025
0
3

NGUMANGALISO SITHEBE, Inkosi Ephraim Sithebe kanye nomfowabo weNkosi uMuzikayifani Sithebe. Kwesinye ngamabutho ngenkathi ehlaba inkomo. Kwesinye uMangaliso Sithebe, Inkosi Sithebe...

Lube yimpumelelo uhlelo lokuqeqesha othisha abafundisa uSonto sikole, eDannhauser

by Langelihle Chagwe
June 10, 2025
0
3

KUNGENKATHI bekunoqeqesho lothisha bakaSonto sikole.Isithombe.SITHUNYELWE LUGUJWE ngendlela ehlukile iviki lokuvikelwa kwabantwana (Child Protection Week), eDannhauser ,eNyakatho neKwaZulu-Natal, njengoba i-KwaZulu Natal...

  Kunezinkinga eziphathekayo ezihaqe iSihlalo sobuKhosi baKwaZulu, zizoxazululwa iSihlalo uqobo hhayi izinkantolo

Sekuyisikhathi sokuthi ibhalwe phansi futhi ilondolozwe imithethomgomo nenkambiso ephathelene nesihlalo nobuKhosi kukaZulu

by Langelihle Chagwe
June 8, 2025
0
3

NDUDOKOTELA Vusi Shongwe.Isithombe. SITHUNYELWE AYIKHO into eletha ukuthula engqondweni njengokubhala kanye nokuphawula ngegunya lokuqonda nokukhanyiseleka ngalokho umuntu afisa ukukudlulisa. Namhlanje...

Recommended

Uhulumeni wendlulise amazwi enduduzo emndenini womfundi wase Glenwood High

3 months ago
3
Uhulumeni uvakashele isikole esisolwa ngokuphoqa amathishela nabafundi ukuba bagqoke umfaniswano wezepolitiki eShakaskraal

Uhulumeni uvakashele isikole esisolwa ngokuphoqa amathishela nabafundi ukuba bagqoke umfaniswano wezepolitiki eShakaskraal

3 months ago
3

About Us

Izwi Lomphakathi Newspaper

Izwi Lomphakathi Newspaper is 100 percent in IsiZulu and it was established immediated when the killer dicease Covid 19 plaqued the Globe. Publisher is an experienced Journalist with more than 21 years experience in the media fraternity. Publisher had worked for various newspapers such as The New Age,Daily Sun, Sowetan, Northern Natal Courier and other community newspapers.

Associations

Category

Socials

Newsletter

  • About
  • Advertise
  • Subscribe
  • Contact
  • Terms & Conditions
  • Privacy Policy
  • Cookie Policy (ZA)

© 2023 Izwi Lomphakathi Initiative is offered by SANEF

No Result
View All Result
  • Politics
  • Municpality
  • Local Business
  • Provincial
  • National
  • Entertainment
  • Events
  • Schools
  • Announcements
  • Sports
  • Community
  • Letter
  • Crime
  • People
  • Local Heros
  • Food

© 2023 Izwi Lomphakathi Initiative is offered by SANEF

Welcome Back!

Login to your account below

Forgotten Password? Sign Up

Create New Account!

Fill the forms below to register

All fields are required. Log In

Retrieve your password

Please enter your username or email address to reset your password.

Log In
Manage Cookie Consent
We use technologies like cookies to store and/or access device information.
Functional Always active
The technical storage or access is strictly necessary for the legitimate purpose of enabling the use of a specific service explicitly requested by the subscriber or user, or for the sole purpose of carrying out the transmission of a communication over an electronic communications network.
Preferences
The technical storage or access is necessary for the legitimate purpose of storing preferences that are not requested by the subscriber or user.
Statistics
The technical storage or access that is used exclusively for statistical purposes. The technical storage or access that is used exclusively for anonymous statistical purposes. Without a subpoena, voluntary compliance on the part of your Internet Service Provider, or additional records from a third party, information stored or retrieved for this purpose alone cannot usually be used to identify you.
Marketing
The technical storage or access is required to create user profiles to send advertising, or to track the user on a website or across several websites for similar marketing purposes.
Manage options Manage services Manage {vendor_count} vendors Read more about these purposes
View preferences
{title} {title} {title}