AMALUNGA eSizwe Sandile Mabanga Foundation ezungeze uNksz Busisiwe Kheswa nabazukulu bakhe ngenkathi ezomukeliswa ngosizo ekhaya lakhe eFairbreeze, eDannhauser Isithombe: LANGELIHLE CHAGWE
WEHLULEKILE ukubamba izinyembezi zenjabulo uNksz Busisiwe Queen Kheswa wase Fairbreeze Farm, eDannhauser, enyakatho-ntshonalanga yeKwaZulu-Natal ngenkathi enikelelwa ngegilosa, izicathulo nezingubo zokugqoka nabazukulu, ngoLwesithathu lukaNovemba 6.
UMnuz Sizwe Mabanga uMqondisi weSizwe Sandile Mabanga Foundation, uthe bezwe ngesimo sikaNksz Kheswa (70) ngamalunga oMkhonto weSizwe ,eDannhauser, ukuthi udinga usizo nabazukulu bakhe abangu-14, ikakhulukazi njengoba naye engasaboni emehlweni.
“NjengeSizwe Sandile Mabanga Foundation sibone kubalulekile ukuthi sisukumele phezulu siyokwelula isandla kulo gogo wakwaKheswa. Siyazi ukuthi isibonelelo sikahulumeni sobudala imali yokuthi uziphilise wedwa njengoba usumdala, hhayi ukuthi uphinde ube nejoka lokuthi kumele futhi uyicaze unakelele abanye. Nakuwe uwedwa incane kakhulu le mali yesibonelelo,” kusho uMnuz Mabanga.
Uthembise ngokuthi basazonxenxa abanye osomabhizinisi nezinhlaka zikahulumeni ukuba zingenelele ekusizeni le ntombi endala nabazukulu bayo ngokubakhela indlu esesimeni esigculisayo.
Ngenkathi Izwi Lomphakathi lihambele lo mndeni lizibonele ukuthi isimo senhlalo sikaNksz Kheswa nabazukulu asisihle. Ukuvaveka kophahla lothayela wendlu kwenza ukwazi ukubona esibhakabhakeni ungaphakathi, kuxhaxhaza namanzi abengena ngophahla ngenxa yemvula ebina, nokwenza kwayona indlu kubukeke ingabhidlika noma nini ngenxa yokuqhekeka emifantwini.
UNksz Kheswa obekhihla izinyembezi zenjabulo, uthe: “Ngiyabonga kakhulu, sengathi uNkulunkulu anganandisela lapho nithathe khona. Emavikini edlule ngoba ngihlala ngedwa emini, ngicishe ngadlwengulwa ngoba ngangenelwa ngumuntu emini libalele, abazukulu besesikoleni, sashudulisana kodwa ngamemeza wabaleka,” kusho uNksz Kheswa ngokukhulu ukukhathezeka ngokwesabela ukuthi angaba yisisulu sokudlwengulwa.
Uveze ukuthi kufika lolu sizo lwabeSizwe Mabanga Foundation nje kwazise ubabambe ngamazinyo abazukulu bakhe ngemali yempesheni, njengoba imali yesibonelelo sabazukulu sabayisithupha sithathwa yindodakazi yakhe engunina wabo njalo uma iqeda ukubaholela, maqede ishaye ichithe iye kwanhliziyo ngise ibashiye belambile. Uphinde waveza nokuthi undodakazi wakhe kumanje uhambe nengane enezinyanga eziyisithupha, nokungaziwa ukuthi ukuziphi izinkalo nayo.
Phakathi kwabazukulu abebekhona ngenkathi leli phephanda lihambele kuleli khaya, kubalwa uThemba Mjiyakho (14), Siyabonga Mazibuko (10), Thembinkosi Mazibuko (4), kanti abanye bebengekho besesikoleni.
“Kodwa omakhelwane sebezamile ukungisiza ngokungibizela osonhlalakahle, bebekhona ngaphambi kokuba nifike (esho iphephandaba nabeSizwe Mabanga Foundation) bezongisiza ngesimo sesibonelelo sabazukulu.”